Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 10:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, wabaqeda, bafa phambi kweNkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 10:2
25 Referans Kwoze  

ONadabi no-Abihu bafa ekusondezeni kwabo umlilo ongesesikweni phambi kukaJehova.


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.


Kwaphuma umlilo phambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; kwathi bonke abantu bekubona, bakhala, bawa ngobuso.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza; uNkulunkulu wamshaya khona ngenxa yesiphambeko sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.


Kepha zonke lezo zinto zabehlela bona kube yizibonelo, kulotshiwe ukuba kube yisiyalo sethu, esesifikelwe ukuphela kwezwe.


Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, waphela; zangena izinsizwa, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela eduze kwendoda yakhe.


U-Ananiya esizwa lawa mazwi wawa phansi, wafa; ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.


Ngokuba iThofeti lamiswa kwasendulo; yebo, ilungiselelwe inkosi; wawenza wajula, waba mkhulu; inqwaba yakhe ingumlilo nezinkuni eziningi; umoya kaJehova njengomfula wesibabule uyawuthungela ngomlilo.


Kepha oNadabi no-Abihu bafa ngaphambi kukayise, bengenamntwana; ngalokho u-Eleyazare no-Itamari babe ngabapristi.


Ngoba ngenxa yokuthi anikwenzanga lokhu ekuqaleni, uJehova uNkulunkulu wethu wafohla phezu kwethu, ngokuba asimfunanga ngokomthetho.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla sakhe emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.


U-Eliya waphendula wathi kubo: “Uma ngingumuntu kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini, ukudle wena namashumi omahlanu akho. Wehla umlilo kaNkulunkulu ezulwini, wayiqeda yena namashumi ayisihlanu akhe.


UEliya waphendula, wathi enduneni yamashumi ayisihlanu: “Uma ngingumuntu kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini, ukudle wena namashumi omahlanu akho. Kwehla umlilo ezulwini, wayiqeda yona namashumi ayisihlanu ayo.


Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebheke emphongolweni kaJehova, yebo, wabulala abantu abangamashumi ayisithupha nanhlanu; isibhicongo.


Abafa ngesifo babe yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisikhombisa, ngaphandle kwabafa endabeni kaKora.


UJehova wakhuluma kuMose emva kokufa kwamadodana amabili ka-Aroni, enikela imihlatshelo phambi kukaJehova, afa;


Base besondela, babathwala bembethe izingubo zabo, babasusa ekamu; njengokutsho kukaMozisi.


Wathi kuMose: “Khuphukela kuJehova, wena no-Aroni, noNadabi no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli; futhi ukhonze wena kude.


Khona-ke umlilo kaJehova wehla waqeda umnikelo wokushiswa nezinkuni namatshe nothuli wakhotha namanzi ayesemseleni.


Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele.


UNkulunkulu wethu uyakufika, angathuli; umlilo uyakudla phambi kwakhe, uvunguze kakhulu nxazonke.


Lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova.


Wahamba, waphonsa isidumbu sakhe endleleni, imbongolo nengonyama zema ngasesangweni; ibhubesi alidlanga isiyelo futhi alizange liklebhule imbongolo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite