Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 10:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kungani ningawudli umnikelo wesono endaweni engcwele, lokhu ungcwelengcwele, futhi uNkulunkulu waninika wona ukuba nithwale ububi benhlangano ukuba niwenzele ukubuyisana phambi kukaJehova na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 “Aniwudlelanga ngani umnikelo wesono endaweni engcwele na? Ungcwelengcwele, futhi uSimakade uwunike nina ukuze nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 10:17
15 Referans Kwoze  

INkosi yasisithi kuAroni: Wena lamadodana akho lendlu kayihlo kanye lawe lizathwala ububi bendlu engcwele; wena namadodana akho kanye nawe niyakuthwala ububi bobupristi benu.


Kumelwe ibe sebunzini lika-Aroni, ukuze u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abayozingcwelisa kuzo zonke izipho zabo ezingcwele; njalo izakuba sebunzini lakhe, ukuze bamukeleke phambi kweNkosi.


Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.


Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.


Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.


Noma mabathwale ububi besiphambeko, uma bedla iminikelo yabo engcwele; ngokuba mina, iNkosi, ngiyabangcwelisa.


Impongo iyothwala phezu kwayo bonke ububi babo, iye ezweni elingahlalwa muntu; futhi uyoyikhulula impongo ehlane.


U-Aroni namadodana akhe kumelwe bembathe lapho bengena etendeni lokuhlangana, noma lapho beza e-altare ukuze bakhonze endlini engcwele; ukuze bangathwali ububi futhi bafe; kuyakuba yisimiso esiphakade kuye nasezizukulwaneni zakhe emva kwakhe.


Kumelwe adle isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele kanye nesabangcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite