Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 10:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngenkonzo kaMose.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 nize nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 nize nifundise abantu bakwa-Israyeli zonke izimiso uSimakade azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 10:11
16 Referans Kwoze  

nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


Ngokuba izindebe zompristi kumelwe zigcine ulwazi, futhi kumelwe bafune umthetho emlonyeni wakhe, ngoba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Base befunda ngokucacile encwadini yomthetho kaNkulunkulu, bachaza incazelo, babenza baqonde okufundwayo.


U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla labesilisa nabesifazane, nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngolokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Base bethi: “Wozani sicebe amacebo ngoJeremiya; ngokuba umthetho awuyikubhubha kumpristi, neseluleko sohlakaniphileyo nezwi lomprofethi. Wozani simshaye ngolimi, singanaki amazwi akhe.


Qaphela isifo sochoko, ukuqaphele, wenze njengalokho abapristi bamaLevi beyakukufundisa; njengalokho ngabayala, nenze njalo ngokucophelela.


Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu.


Ngoba angigodlanga ukulitshumayela lonke icebo likaNkulunkulu.


Bayakufundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; bayonikela ngempepho phambi kwakho neminikelo yokushiswa e-altare lakho.


Abapristi abashongo ukuthi: “Uphi uJehova na?” nabaphethe umthetho babengazi Mina;


UHezekiya wakhuluma kamnandi nawo onke amaLevi ayefunde ukwazi okuhle kukaJehova; futhi ngesikhathi somkhosi badla izinsuku eziyisikhombisa banikela imihlatshelo yokubonga bavuma izono kuJehova uNkulunkulu wawoyise.


Bafundisa kwaJuda, benencwadi yomthetho kaJehova, badabula imizi yakwaJuda, bafundisa abantu.


Kumelwe wenze ngokuvumelana nesigwebo abayoninikeza sona endaweni uJehova ayoyikhetha; futhi kumelwe wenze ngokucophelela ngokuvumelana nakho konke abakutshela khona.


Njengomthetho abayakunifundisa wona, nanjengesahlulelo abayakukutshela sona, nikwenze;


Manje u-Israyeli wayesenesikhathi eside engenaye uNkulunkulu weqiniso nompristi ofundisayo futhi engenamthetho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite