Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 3:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba ngiyakulihlanza igazi labo engingalihlanzanga, ngokuba uJehova uhlala eSiyoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngiyakuphindisela igazi labo engingakaliphindiseli,” ngokuba uJehova wakhile eSiyoni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Angiyukubajezisela icala labo legazi engingabajeziselanga lona.” USimakade uhlala eZiyoni.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 3:21
8 Referans Kwoze  

Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.


Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.


Lapho uJehova ehlanza ukungcola kwamadodakazi aseSiyoni futhi ehlanza igazi laseJerusalema kulo ngomoya wokwahlulela nangomoya womlilo.


Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu, ngibize amabele, ngiwandise, kungabikho indlala phezu kwenu.


Kungaba yizilinganiso eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, igama lomuzi kusukela ngalolo suku lithi: UJehova ukhona.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu ohlezi eSiyoni, intaba yami engcwele; khona iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula futhi.


Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.


Niyokwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akasiye omunye; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite