Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 3:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 INkosi izabhonga iseZiyoni, iphakamise ilizwi layo iseJerusalema; kuyakuzamazama izulu nomhlaba, kepha uJehova uyakuba yithemba labantu bakhe nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; izulu nomhlaba kuyazamazama, kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 “USimakade uyabhodla eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Izulu nomhlaba kuyakuzamazama, kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 3:16
31 Referans Kwoze  

Wathi: “UJehova uyakubhonga eseSiyoni, aphakamise izwi lakhe eJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo seKarmeli sibune.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Sekuyisikhashana nje, ngizamazamise izulu nomhlaba, nolwandle, nomhlabathi owomileyo;


Jehova, mandla ami, nenqaba yami, nesiphephelo sami ngosuku lwenhlupheko, abezizwe bayakuza kuwe bevela emikhawulweni yomhlaba, bathi: Obaba badla ifa lamanga, okuyize, nezinto ezingenakusiza.


UJehova uyakuphuma njengeqhawe, avuse ukushisekela njengeqhawe; Uyakubiza, yebo, abhonge; uyakunqoba izitha zakhe.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Ngokuba ngomhawu wami nangomlilo wentukuthelo yami ngakhuluma ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu ezweni lakwa-Israyeli;


Futhi ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho, futhi ngakusibekela emthunzini wesandla sami, ukuze ngitshale amazulu futhi ngibeke izisekelo zomhlaba futhi ngithi kulo iSiyoni: Ningabantu bami.


Ngokuba ubuyisiphephelo sami nombhoshongo onamandla esitheni.


Kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani; kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu okungazange kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okunamandla okungaka, okungaka.


UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme.


Uyakuhlala phezulu; isivikelo sakhe siyakuba yizikhali zamadwala; isinkwa uyakuphiwa; amanzi akhe ayakuqiniseka.


UJehova uyakunika abantu bakhe amandla; uJehova uyakubusisa abantu bakhe ngokuthula.


Futhi noMandla ka-Israyeli ngeke aqambe amanga futhi ngeke baphenduke, ngoba akayena umuntu ukuthi angaphenduka.


Kwavulwa ithempeli likaNkulunkulu ezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe, kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa;


ozwi lakhe ngalesosikhathi lazamazamisa umhlaba, kodwa khathesi uthembisile, esithi: Ngisezakuba kanye futhi, kungeyisikho umhlaba wodwa, kodwa lezulu.


Ngiyakubaqinisa kuJehova; futhi bayohamba behla benyuka egameni lakhe,” kusho uJehova.


Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? iNkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?


Bayakulandela uJehova; Ubhodla njengengonyama; uma Ebhonga, abantwana basentshonalanga bayathuthumela.


Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu kaJosefa, ngiyibuyise ukuba ihlale; ngokuba nginomusa kubo, futhi bayoba sengathi angizange ngibalahle; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo, futhi ngiyobalalela.


Kodwa lapho iNkosi ekhazimulayo izakuba kithi indawo yemifula ebanzi lemifula; okungayikuhamba khona umkhumbi uphethe izigwedlo, nomkhumbi wamaqhawe awuyikudlula.


Ungabi yingebhe kimi; uyithemba lami ngosuku lobubi.


UNkulunkulu unguJehova, uyinqaba elondekile ngosuku lwenhlupheko; futhi uyabazi abamethembayo.


Ngiyozamazamisa zonke izizwe, futhi okufiselekayo kuzo zonke izizwe kuyofika; ngiyakuyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo,” usho uJehova Sebawoti.


Phendukelani enqabeni yasezintabeni, zibotshwa zethemba; namuhla ngiyamemezela ukuthi ngiyakukubuyisela kabili;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite