Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 2:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama nenyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaSimakade.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 2:31
21 Referans Kwoze  

Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa.


Bhekani, ngiyakuthuma kini u-Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.


Ngokuba bhekani, luyeza usuku oluvutha njengeziko; bonke abazidlayo, nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi;


Ilanga nenyanga kuyoba mnyama, nezinkanyezi ziyosusa ukukhanya kwazo.


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo; izulu liyakuthuthumela, ilanga nenyanga kube mnyama, nezinkanyezi zisuse ukukhanya kwazo.


Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi lwezizwe, zididekile; kuhlokoma ulwandle namagagasi;


Ngokuba bhekani, ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,


Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, nenyanga ibe yigazi, lungakafiki lolo suku lweNkosi olukhulu noluphawulekayo;


Ingelosi yesine yayisibetha, kwase kushaywa ingxenye yesithathu yelanga, nengxenye yesithathu yenyanga, nengxenye yesithathu yezinkanyezi; njengokuba ingxenye yesithathu yazo yaba mnyama, nengxenye yesithathu yemini ayikhanyi, nobusuku ngokunjalo.


Ngenxa yalokhu umhlaba uyakukhala, nezulu phezulu liyoba mnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, angiyikuzisola, futhi angiyikubuya kukho.


Lapho nginikhipha, ngiyosibekela izulu, ngenze mnyama izinkanyezi zalo; ngiyakusibekela ilanga ngamafu, nenyanga ayiyikukhanya.


Vuthelani icilongo eSiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhileyo ezweni, ngokuba usuku lukaJehova luyeza, ngokuba luseduze;


usuku lobumnyama nolobumnyama, usuku lwamafu nesigayegaye, njengokusa kwekweba phezu kwezintaba, abantu abakhulu nabanamandla; akukaze kube khona into enjalo, futhi ayisayikuba khona kuze kube yiminyaka yezizukulwane eziningi.


UJehova uyakuphakamisa izwi lakhe phambi kwebutho lakhe, ngokuba ikamu lakhe likhulu kakhulu, ngokuba unamandla owenza izwi lakhe; ngoba usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongakuthwala na?


Futhi ngalolo suku ukukhanya ngeke kukhanye noma kube mnyama;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite