Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 9:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Abantwana bakwa-Israyeli basuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu. Imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBheroti, neKiriyati Jeharimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Abantwana bakwa-Israyeli base besuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Abantu bakwa-Israyeli basuka bagasela kuzo, bafika emizini yazo ngosuku lwesithathu. Imizi yazo kwakuyiGibheyoni, iKhefira, iBhiyerothi neKiriyathi Jeharimi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 9:17
24 Referans Kwoze  

abantwana baseKiriyatharimi, neKefira, neBeyeroti, amakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu.


amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu.


Ngokuba itabernakele likaJehova uMose alenza ehlane ne-altare lomnikelo wokushiswa ngaleso sikhathi kwakusendaweni ephakeme yaseGibeyoni.


Abantu baseKiriyati Jeharimi bafika bawuthatha umphongolo kaJehova, bawuyisa endlini ka-Abinadaba entabeni, bangcwelisa u-Eleyazare indodana yakhe ukuba agcine umphongolo kaJehova.


Umkhawulo wasuka lapho, wazungeza engosini yolwandle ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakuseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; kwakuyiwadi esentshonalanga.


IKiriyati Bhali eliyiKiriyati Jeharimi, neRaba; imizi emibili nemizana yayo.


Umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo waphuma waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi.


Besaba kakhulu, ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu, njengomunye wemizi yenkosi, futhi lalilikhulu kune-Ayi, namadoda alo onke ayenamandla.


Lapho abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile eJeriko nase-Ayi,


Base bethi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba sizwile umbiko wakhe nakho konke akwenzayo eGibithe,


Kwathi ekupheleni kwezinsuku ezintathu benze isivumelwano labo, bezwa ukuthi bangomakhelwane babo lokuthi bahlala phakathi kwabo.


Abantwana bakwa-Israyeli abazange bawahlule, ngokuba izikhulu zenhlangano zazifunge uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Ibandla lonke lakhonona ngezikhulu.


Uhlangothi olungaseningizimu lwalusukela ekupheleni kweKiriyati Jeharimi, umkhawulo waphuma waya ngasentshonalanga, waphuma waya emthonjeni waseNefitowa.


Bakhuphuka, bamisa eKiriyati Jeharimi kwaJuda; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iMahane-dani kuze kube namuhla; bheka, lingasemva kweKiriyati Jeharimi.


Bathuma izithunywa kwabakhileyo eKiriyati Jeharimi ukuthi: “AmaFilisti awubuyisile umphongolo kaJehova; yehla uzoyicosha kuwe.


Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinhloko zamaviyo; igama lenye lalinguBahana, igama lenye lalinguRegabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini; ngokuba iBeroti labalwa kanye noBenjamini;


Lawa angamadodana kaKalebi, indodana kaHure, izibulo lika-Efrati; uShobali uyise kaKiriyati Jeharimi,


UShobhali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana; IHaro nengxenye yamaManachete.


Imindeni kaKiriyati Jeharimi; amaItiri, namaPugi, namaSumati, namaMisrai; kubo kwaphuma abaseZareya nama-Estawuli.


Kwakukhona futhi umuntu owayeprofetha egameni likaJehova, u-Uriya, indodana kaShemaya, waseKiriyati Jeharimi, owaprofetha ngalo muzi nangaleli zwe njengawo wonke amazwi kaJeremiya.


no-Ishmaya waseGibeyoni, iqhawe phakathi kwamashumi amathathu namashumi amathathu; noJeremiya, noJagasiyeli, noJohanani, noJozabadi waseGedera,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite