Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 8:35 - Contemporary Zulu Bible 2024

35 Akubangakho nelilodwa izwi kukho konke uMose ayala ngakho, uJoshuwa angalifundanga phambi kwenhlangano yonke yakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababebazi phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Akwabakho zwi kukho konke akuyalayo uMose, angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

35 UJoshuwa alikho nalinye izwi angalifundanga phambi kwebandla lakwa-Israyeli, kukho konke uMose ayeyale ngakho; wabafundela bonke abesifazane, abantwana nabafokazi ababehlala phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 8:35
15 Referans Kwoze  

Buthani abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi osemasangweni enu, ukuba bezwe, bafunde, besabe uJehova uNkulunkulu wenu, bagcine ngokucophelela onke amazwi alo mthetho.


U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla labesilisa nabesifazane, nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngolokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Usho kanje uJehova; Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza ukukhuleka endlini kaJehova wonke amazwi engikuyala ukuba uwakhulume kubo; ayinciphisi igama:


Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ogwini, sakhuleka.


Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


Buthani abantu, ningcwelise ibandla, amalunga aqoqe, abuthe abantwana nabamunya amabele; akaphume umyeni ekamelweni lakhe, nomakoti aphume engutsheni yakhe.


U-Ezra esekhulekile nokuvuma izono, wakhala, wakhuleka phambi kwendlu kaNkulunkulu, ibandla elikhulu kakhulu lamadoda, nabesifazane, nabantwana, labuthana kuye kwa-Israyeli; ngoba abantu bakhala kakhulu.


Abantwana bakho, omkekho, nomfokazi wakho osekamu lakho, kusukela kumgawuli wakho wezinkuni kuze kufike emthonjeni wakho.


Ngoba angigodlanga ukulitshumayela lonke icebo likaNkulunkulu.


Aniyikwengeza lutho ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyikuthatha lutho kulo, ukuze nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Nexuku eliyingxubevange lenyuka nabo; nemfuyo nezinkomo, yebo, izinkomo eziningi.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku kuyakuthi amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe abambe, yebo, abambe isivikelo somJuda, athi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unawe.


Bese nigcina amazwi alesi sivumelwano niwenze, ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.


Nimi nonke namuhla phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu; izinhloko zezizwe zenu, namalunga enu, nezinceku zenu, nawo onke amadoda akwa-Israyeli,


Wayifunda phambi kwesitaladi esiphambi kweSango Lamanzi kusukela ekuseni kwaze kwaba ntambama, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuqonda; izindlebe zabo bonke abantu zalalela incwadi yomthetho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite