Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 8:33 - Contemporary Zulu Bible 2024

33 Wonke u-Israyeli, namalunga akhe, nezikhulu, nabahluleli bakhe, bema ngalapha komphongolo nangapha phambi kwabapristi, amaLevi athwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nomfokazi, naye wazalwa phakathi kwabo; inxenye yabo malungana nezintaba zeGerizimu, nenxenye yabo malungana nentaba yase-Ebali; njengalokho uMose inceku kaJehova ayala ngaphambili ukuba babusise abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Bonke abakwa-Israyeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 Bonke abakwa-Israyeli, abaholi, izinduna nabehluleli babo, abafokazi naboselwa, bama ngapha nangapha komphongolo wesivumelwano sikaSimakade phambi kwabaphristi babaLevi ababethwele umphongolo. Enye ingxenye yabantu yayiphambi kwentaba iGerizimu, enye ingxenye iphambi kwentaba i-Ebhali, njengokuba uMose, inceku kaSimakade, ayebayalile ukuze babusise abantu bakwa-Israyeli njengasezikhathini ezedlule.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 8:33
22 Referans Kwoze  

Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, ubeke isibusiso entabeni yaseGerizimu nesiqalekiso entabeni yase-Ebali.


Buthani abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi osemasangweni enu, ukuba bezwe, bafunde, besabe uJehova uNkulunkulu wenu, bagcine ngokucophelela onke amazwi alo mthetho.


UMose wawuloba lo mthetho, wawunika abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.


UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zabo, nabahluleli bakhe, nezinduna zabo; bazimisa phambi kukaNkulunkulu.


Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bekhuphuka eJordani, amathe ezinyawo zabapristi esephakanyiselwe emhlabathini owomileyo, amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo, ageleza phezu kwawo wonke. Amabhange alo, njengalokho babevame ukwenza.


Bayala abantu, bathi: “Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi abawuthwalayo, nisuke endaweni yenu, niwulandele.


UMose wayala amaLevi athwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, wathi:


Niyakuba nomthetho munye ngowonile engazi, kozelwe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, nakomfokazi ogogobele phakathi kwabo.


Kuyosebenza umthetho owodwa nendlela eyodwa kini nakumfokazi ogogobeleyo kini.


Kumelwe kube munye umthetho kowokuzalwa ekhaya nakumfokazi ogogobele phakathi kwenu.


UJoshuwa wayesebiza wonke u-Israyeli namalunga akhe nezinhloko zakhe nabahluleli bakhe nezikhulu zabo, wathi kubo: “Mina ngimdala, ngicindezelwe;


UJoshuwa indodana kaNuni wabiza abapristi, wathi kubo: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, abapristi abayisikhombisa baphathe izimpondo zezinqama eziyisikhombisa phambi komphongolo kaJehova.


Abapristi abathwala umphongolo bema phakathi neJordani, kwaze kwaqedwa konke uJehova amyale ngakho uJoshuwa ukuba akukhulume kubantu, njengalokho uMose emyalile uJoshuwa; futhi abantu ngokushesha badlula.


Lapho abantu bekhuphuka besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, nabapristi abathwala umphongolo wesivumelwano phambi kwabantu;


Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni lakini, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.


UJoshuwa wakhuluma kubapristi, wathi: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu.” Basebewuphakamisa umphongolo wesivumelwano, baphuma phambi kwabantu.


Okhokho bethu babekhonza kule ntaba; lina-ke lithi iseJerusalema indawo lapho abantu okumele bakhonze khona.


Kumelwe kube yisimiso kini, ebandleni nakumfokazi ogogobeleyo kini, kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengoba unjalo wena, umfokazi makabe njalo phambi kukaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite