Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 7:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJoshuwa waklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli, bathela uthuli emakhanda abo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 7:6
30 Referans Kwoze  

URubeni wabuyela emgodini; bheka, uJosefa wayengekho emthonjeni; waklebhula izingubo zakhe.


UJakobe waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yesaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; bazithela ngothuli emakhanda abo; babhinca izingubo zokulila; izintombi zaseJerusalema zilengisa amakhanda azo emhlabathini.


Inkosi yayisisukuma, yaklebhula izingubo zayo, yalala phansi; zonke izinceku zakhe zazimi lapho izingubo eziklebhukile.


UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe, baklebhula izingubo zabo.


Base bethela uthuli emakhanda abo, bamemeza bekhala, belila, bethi: “Maye, maye, muzi omkhulu, lapho kwacetshiswa khona bonke ababenemikhumbi olwandle ngenxa yokubiza kwawo okuhle! ngoba ngehora elilodwa selichithekile.


Kwathi abaphostoli oBarnabasi loPawuli bekuzwa, baklebhula izembatho zabo, bagijimela phakathi kwexuku, bememeza;


Lapho bephakamisa amehlo abo bekude, bengamazi, baphakamisa izwi labo, bakhala; baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza ngothuli emakhanda abo ezulwini.


Khona-ke uJobe wasukuma waklebhula ingubo yakhe waphuca ikhanda lakhe wawela emhlabathini wakhuleka.


Kwathi uMoridegayi ebona konke okwenzekileyo, uMoridegayi waklebhula izingubo zakhe, wembatha izingubo zokulila nomlotha, waphuma waya phakathi nomuzi, wakhala ngokukhala okukhulu nokubabayo;


UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala phansi ubusuku bonke.


Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, nangenxa kaJonathani indodana yakhe, naphezu kwabantu bakaJehova, naphezu kwendlu yakwa-Israyeli; ngoba bawa ngenkemba.


Kwasekugijima indoda yakoBhenjamini ivela empini, yafika eShilo ngalolosuku igqoke izembatho eziklebhukile, inothuli ekhanda layo.


Abantu base befika endlini kaNkulunkulu, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu; baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu;


Bonke abantwana bakwa-Israyeli nabo bonke abantu bakhuphukela endlini kaNkulunkulu, bakhala, bahlala phansi phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokubonga phambi kukaJehova. NKOSI.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka bakhala phambi kukaJehova kwaze kwahlwa, bacela iseluleko kuJehova bathi: “Ngiphinde ngenyuke ngiyokulwa nabantwana bakwaBhenjamini, umfowethu na?” Khona-ke uJehova wathi: “Khuphukani ngiyokulwa naye.


Sukani kule nhlangano, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso. Bawa ngobuso.


Bawa ngobuso babo, bathi: “O Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu oyedwa, uthukuthelele lonke ibandla na?”


UJoshuwa wayesethi: “Awu, Nkosi Jehova, ubaweliseleni lababantu iJordani ukuba usinikele esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise na? Sengathi ngabe sathokoza kuNkulunkulu, sahlala phesheya kweJordani!


UDavide wathatha izingubo zakhe, waziklebhula; kanjalo nawo onke amadoda aye naye.


Kwathi inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho, yaklebhula izingubo zayo.


Lapho inkosi isizwa amazwi omthetho, yaklebhula izingubo zayo.


Ngakho ngiyazenyanya futhi ngiyazisola othulini nasemlotheni.


Kwathi embona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Awu, ndodakazi yami! Ungithobise kakhulu, ungomunye wabangithusayo, ngokuba ngivulile umlomo wami kuJehova, anginakubuyela emuva.


Kwathi ngosuku lwesithathu kwaphuma umuntu ekamu, izingubo zikaSawule eziklebhukile, enothuli ekhanda lakhe; lapho efika kuDavide, wawa phansi, wakhuleka.


Khona-ke uThamari wathela umlotha ekhanda lakhe waklebhula ingubo yakhe emibalabala ayeyigqokile wabeka isandla sakhe ekhanda lakhe wakhala.


U-Ezra esekhulekile nokuvuma izono, wakhala, wakhuleka phambi kwendlu kaNkulunkulu, ibandla elikhulu kakhulu lamadoda, nabesifazane, nabantwana, labuthana kuye kwa-Israyeli; ngoba abantu bakhala kakhulu.


Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana ngokuzila ukudla, bembethe izingubo zokulila nenhlabathi phezu kwakho.


Ezifundeni zonke nomaphi lapho kwafika khona izwi lenkosi nesimiso sayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla, nokukhala, nokukhala; abaningi balala bembethe amasaka nomlotha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite