Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 7:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli kanye naye bathatha u-Akani indodana kaSeraki nesiliva nengubo nesigqoko segolide, namadodana akhe namadodakazi akhe nezinkomo zakhe nezimbongolo zakhe nezimvu zakhe netende lakhe nakho konke ayenakho, baliyisa esigodini sase-Agori.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benaye bamthatha u-Akani indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe, nezimbongolo zakhe, nezimvu zakhe, netende lakhe, nakho konke anakho, bakukhuphulela esigodini sase-Akori.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 UJoshuwa nabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababenaye bamthatha u-Akhani, indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide, namadodana namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe nezimbongolo nezimvu nethende lakhe, nakho konke okwakungokwakhe, bakukhuphulela esigodini i-Akhori.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 7:24
18 Referans Kwoze  

Onenzuzo ufaka indlu yakhe osizini; kepha ozonda izipho uyakuphila.


Ngiyakumnika khona izivini zakhe nesigodi sase-Akori njengomnyango wethemba; iyohlabelela lapho njengasezinsukwini zobusha bayo nanjengasosukwini lokukhuphuka kwayo iphuma ezweni laseGibithe.


Futhi iSharoni iyoba yizibaya nesigodi sase-Agori sibe yindawo yezinkomo yabantu bami abangifunile.


Umkhawulo wenyukela eDebhiri usuka esigodini sase-Agori, waya ngasenyakatho malungana neGiligali, engaphambi kommango oya e-Adumimi eseningizimu yoMfula; Ukuphuma kwawo kwakuse-Enrogeli.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba enkulu yamatshe kuze kube namuhla. Kanjalo uJehova waphenduka ekuvutheni kwentukuthelo yakhe. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi: IsiGodi sase-Agori kuze kube namuhla.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Kukhona ububi obukhulu engibubonile phansi kwelanga, ingcebo egcinelwe abaniniyo kube kubi kubo.


Ugwinye ingcebo, futhi uyophinde ayikhafule; UNkulunkulu uyoyikhipha esiswini sakhe.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza isiphambeko engcebweni; ngoba u-Akani indodana kaKarmi kaSabidi indodana kaSeraki wesizwe sakwaJuda wathatha empangweni, intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli.


Bachitha bonke ababesemzini ngesiqalekiso, owesilisa nowesifazane, abasha nabadala, nezinkomo, nezimvu, nezimbongolo, ngosiko lwenkemba.


Kumelwe niziqaphe empahleni eyenqatshelwe, funa niqalekiswe, uma namukela empahleni echithiweyo, nenze ikamu lika-Israyeli libe yisiqalekiso, niliqalekise.


Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?


Zakukhipha phakathi kwetende zakuyisa kuJoshuwa nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli zakubeka phambi kukaJehova.


U-Akani, indodana kaSeraki, akenzanga yini isiphambeko sabaxhwalekileyo, futhi ulaka lwehlela lonke ibandla lika-Israyeli na? futhi lowo muntu akabhubhanga ngobubi bakhe yedwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite