Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 7:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza isiphambeko engcebweni; ngoba u-Akani indodana kaKarmi kaSabidi indodana kaSeraki wesizwe sakwaJuda wathatha empangweni, intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kepha abantwana bakwa-Israyeli beqa ngokuqalekisiweyo, lokhu u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, ethatha kukho okuqalekisiweyo; intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kepha abantu bakwa-Israyeli abethembekanga mayelana nezinto ezaziqalekisiwe. U-Akhani, indodana kaKharimi kaZabidi kaZera wesizwana sakwaJuda, wathatha ezinye zezinto ezaziqalekisiwe; ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwavuthela bonke abantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 7:1
19 Referans Kwoze  

U-Akani, indodana kaSeraki, akenzanga yini isiphambeko sabaxhwalekileyo, futhi ulaka lwehlela lonke ibandla lika-Israyeli na? futhi lowo muntu akabhubhanga ngobubi bakhe yedwa.


Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kepha isoni sinye sichitha izinto eziningi.


Kwaba kubi kuNkulunkulu ngale ndaba; ngalokho wamnqoba u-Israyeli.


Kodwa lizaphambuka lamuhla ekulandeleni uJehova? futhi njengoba nihlubuka uJehova namuhla, kusasa uyothukuthelela yonke inhlangano yakwa-Israyeli.


Isho kanje yonke inhlangano kaJehova, ithi: ‘Yisiphi isiphambeko esinenzile kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nisuke kuJehova namuhla ngokuzakhela i-altare ukuba nihlubuke uJehova namuhla na?


Basebesithi, ngulowo kumngane wakhe: Wozani senze inkatho, ukuze sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Benza inkatho, inkatho yawela uJona.


ngathi: “O Nkulunkulu wami, nginamahloni, nginamahloni ukuphakamisa ubuso bami kuwe, Nkulunkulu wami, ngokuba iziphambeko zethu zandile phezu kwamakhanda ethu, neziphambeko zethu zikhule zaze zafika ezulwini.


Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza imithi engcwele nonkulunkulu; uJuda neJerusalema behlelwa yintukuthelo ngenxa yesiphambeko sabo.


Intukuthelo kaJehova yaphinda yamvuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ukuba athi: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.


Jehova, ukulunga kungokwakho, kepha ubuso bethu buyihlazo njenganamuhla; kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema nakuye wonke u-Israyeli oseduze nakude, emazweni onke lapho obaxoshele khona ngenxa yesiphambeko sabo abasenze kuwe.


Wayesethi uMose ku-Aroni nakumadodana akhe u-Eleyazare no-Itamari: “Ningambuli amakhanda enu, ningaklebhuli izingubo zenu; ukuze ningafi, futhi ulaka lungehleli phezu kwabantu bonke; kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabakhale ngomlilo uJehova awubasileyo.


Esefikile embhoshongweni, wakuthatha esandleni sabo, wakubeka endlini; wawadedela amadoda, ahamba.


Amadodana kaJakobe afika phezu kwababuleweyo, awuphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo.


Ububi bakho bungalimaza onjengawe; nokulunga kwakho kungayizuzisa indodana yomuntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite