Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 4:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 ukuze kube yisibonakaliso phakathi kwenu, lapho abantwana benu bebuza koyise esikhathini esizayo besithi: Litshoni ngalawa matshe?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ukuba lokho kube yisikhumbuzo phakathi kwenu, kuze kuthi lapho abantwana benu bebuza ngesikhathi esizayo, bethi: ‘Ayini lawa matshe kini na?’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 abe wuphawu phakathi kwenu, ukuze kuthi lapho zinibuza izingane zenu ngesikhathi esizayo, zithi: ‘Ayini lawa matshe kini na?’

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 4:6
19 Referans Kwoze  

Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Kuyini lokhu? uthi kuye: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, endlini yobugqila.


Wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nxa abantwana benu beyakubuza oyise esikhathini esizayo, bethi: Ayini lawa matshe na?


Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora, iMasigili. Sizwile ngezindlebe zethu, Nkulunkulu, ukuthi obaba basitshela umsebenzi owawenza emihleni yabo, emihleni yasendulo.


Kodwa ukuze kube ngubufakazi phakathi kwethu lani lezizukulwaneni zethu ngemva kwethu, ukuze sifeze inkonzo kaJehova phambi kobuso bakhe ngeminikelo yethu yokutshiswa lemihlatshelo yethu langeminikelo yethu yokubonga; ukuze abantwana benu bangasho ngesikhathi kubantwana bethu ukuthi: Aninasabelo kuJehova.


Kumelwe uzifundise izingane zakho ngokukhuluma ngazo lapho uhlezi endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.


Endaweni yameva kuyakumila umsayipuresi, endaweni yokhula kukhule umuthi wombomvana; kuyakuba yigama likaJehova, kube yisibonakaliso esiphakade esingayikunqunywa.


Abaphilayo, abaphilayo, nguyena oyakukubonga, njengami namuhla; uyise uyakukwazisa abantwana iqiniso lakho.


Manje noma sengimdala futhi ngimpunga, O Nkulunkulu, ungangishiyi; ngize ngiwazise amandla akho kulesi sizukulwane namandla akho kubo bonke abezayo.


Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.


Futhi ungcwelise amasabatha ami; zibe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Futhi ngabanika amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.


Izicengezi zomlilo zalezi zoni mazizenzele izingcwecwe eziyisibekela i-altare; ngokuba banikela ngayo phambi kweNkosi, ngakho-ke bangcwelisiwe; kuyakuba yisibonakaliso kubantwana bakwa-Israyeli.


“Khuluma futhi kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyawagcina amasabatha ami, ngokuba ayisibonakaliso phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu; ukuze nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo.


Kuyakuba kuwe luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


Lolu suku luyakuba yisikhumbuzo kini; futhi kumelwe niligubhele uJehova ezizukulwaneni zenu; uyakuwugcina kuze kube phakade njengesimiso.


UJoshuwa wathi kubo: “Welani phambi komphongolo kaJehova uNkulunkulu wenu ningene phakathi kweJordani, nithathe kube yilowo nalowo itshe ehlombe lakhe ngokwesibalo sezizwe zabantwana bakwa-Israyeli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite