Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 3:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo phakathi neJordani, bonke abakwa-Israyeli badabula emhlabathini owomileyo, kwaze kwaba yilapho isizwe sonke siwela iJordani sihlambulukile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo ngaphakathi neJordani, abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Abaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade bama bangathi nyaka emhlabathini owomile phakathi kweJordani, saze sawela sonke isizwe sakwa-Israyeli, sihamba emhlabathini owomileyo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 3:17
14 Referans Kwoze  

Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene sabo nangakwesokhohlo sabo.


Abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle, amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene sabo nangakwesokhohlo.


Waphendula ulwandle lwaba umhlabathi owomileyo; badabula umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.


Uyakushwabadela ukufa ngokunqoba; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke; futhi usongo lwabantu bayo iyoyisusa emhlabeni wonke, ngoba uJehova ukukhulumile.


U-Eliya wathatha ingubo yakhe, wayisonga, washaya amanzi, ahlukana lapha nalaphaya, badabula bobabili emhlabathini owomileyo.


Uyala kubo uthi: Thatha lapha phakathi kweJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqine, amatshe ayishumi nambili, niwathwale, niwashiye endaweni yokulala kwenu. Uzochitha ubusuku kulobu busuku.


Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo;


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wabangela ukuba ulwandle luhlehle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, womisa ulwandle, amanzi ahlukana.


Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma niwela iJordani ningena ezweni laseKhanani;


Kwathi bonke abantu sebechaphile iJordani ngokuhlambulukileyo, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:


Kumelwe nitshele abantwana benu nithi: ‘U-Israyeli wawela leli Jordani emhlabathini owomile.


Abapristi abathwala umphongolo bema phakathi neJordani, kwaze kwaqedwa konke uJehova amyale ngakho uJoshuwa ukuba akukhulume kubantu, njengalokho uMose emyalile uJoshuwa; futhi abantu ngokushesha badlula.


Kwathi sebehlambulukile bonke abantu, umphongolo kaJehova nabapristi badabula phambi kwabantu.


Kwathi lapho onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani asolwandle, ezwa ukuthi uJehova womisa amanzi aseJordani ngaphambili. Abantwana bakwa-Israyeli, saze sadabula, izinhliziyo zabo zaphela amandla, akwabe kusaba lukhuni kubo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite