Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 3:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJoshuwa wasesithi: Ngalokhu lizakwazi ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, lokuthi uzaxotsha amaKhanani, lamaHethi, lamaHivi, lamaPerizi, lamaGirigashi, lamaAmori phambi kwenu, kanye lamaJebusi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 UJoshuwa wayesethi: “Niyokwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, ongayikwehluleka ukuxosha phambi kwenu amaKhanani, amaHithi, amaHivi, amaPherizi, amaGirigashi, ama-Amori, namaJebusi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 3:10
37 Referans Kwoze  

Lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, esexoshile izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa. Mkhulu futhi unamandla kunawe;


Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho; futhi ngiyowaxosha amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.


Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


UDavide wakhuluma kubantu ababemi ngakuye, wathi: “Kwenziwani kumuntu obulala lo mFilisti, asuse ihlazo lika-Israyeli na? Ngokuba ungubani lo mFilisti ongasokile ukuba edelele imiyalo kaNkulunkulu ophilayo na?


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.


Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa wonke amazwi amakhosi, inkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, eyawathumela ukuba ahlambalaze uNkulunkulu ophilayo; futhi uyokhuza amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo.


UFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi wathi kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaManase: “Namuhla siyabona ukuthi uJehova uphakathi kwethu, ngoba anibenzanga lesi sono kuJehova. Manje senibakhululile abantwana bakwa-Israyeli esandleni sikaJehova.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo, baqedwe, behlelwe ububi obuningi nezinsizi; ngalokho bayakuthi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlele yini, lokhu uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?


Futhi ngehla ukuze ngibasindise esandleni sabaseGibhithe futhi ngibaqeqeshe baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelikhulu, ezweni elichichima ubisi nezinyosi; endaweni yamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi;


Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


Kodwa umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nokubalwa; nasendaweni lapho kwathiwa kubo: Anisibo abantu bami, kuyakuthiwa kubo: Ningabantwana bakaNkulunkulu ophilayo.


UJehova uyaziwa ngesahlulelo sakhe; omubi uhileleke emsebenzini wezandla zakhe. I-Higgaion. Sela.


Ngoba ngubani enyameni yonke owezwa ilizwi likaNkulunkulu ophilayo likhuluma livela emlilweni njengathi, waphila?


USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.


Wathi uMika: “Uma ubuya nokubuya ngokuthula, uJehova akakhulumanga ngami.” Wathi: Lalelani nina bantu nonke!


Kakusweli lutho oluhle uJehova alukhulumile endlini kaIsrayeli; konke kwenzeka.


Wabiza indawo ngokuthi iMasa neMeriba ngenxa yokuxabana kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yokubuza kwabo uJehova ngokuthi: “Ingabe uJehova uphakathi kwethu noma qha?


Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


Ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, uNkulunkulu onamandla nowesabekayo.


UJoshuwa wayesethi kubantwana bakwa-Israyeli: “Wozani lapha nizwe amazwi kaJehova uNkulunkulu wenu.


Kwasekusithi lapho wonke amakhosi ayengaphetsheya kweJodani, ezintabeni, leezigodini, lakuyo yonke imikhawulo yoLwandle oluKhulu malungana leLebhanoni, amaHethi, lamaAmori, lamaKhanani, lamaPherizi, amaHivi namaJebusi ezwa ngakho;


UDavide waphendula, wathi ku-Ahimeleki umHeti, naku-Abishayi, indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, wathi: “Ngubani oyakwehla nami kuSawule ekamu na?” Wathi u-Abishayi: “Ngiyakwehla nawe.”


Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu na?


nama-Amori, namaKhanani, namaGirigashi, namaJebusi.


Ama-Amaleki ahlala ezweni laseningizimu, amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni, namaKhanani ahlala ngaselwandle ngasogwini lweJordani.


namaKhanani ngasempumalanga nasentshonalanga, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi phansi kweHermoni, ezweni laseMispa.


Ezintabeni, nasezigodini, nasemathafeni, nasemithonjeni, nasehlane, naseningizimu; namaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi;


Nawela iJordani, nafika eJeriko, amadoda aseJeriko alwa nani, ama-Amori, namaPherizi, namaKhanani, namaHeti, namaGirigashi, namaHivi, namaJebusi; ngiwanikele esandleni sakho.


namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite