Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 24:33 - Contemporary Zulu Bible 2024

33 U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela entabeni yendodana yakhe uFinehasi, anikwa yona ezintabeni zakwa-Efrayimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela egqumeni likaFinehasi indodana yakhe, abenikiwe lona ezintabeni zakwa-Efrayimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bamngcwaba eGibheya umuzi kaFinehasi indodana yakhe, ayewunikiwe kwelezintaba kwa-Efrayimi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 24:33
22 Referans Kwoze  

Abantwana bakwa-Israyeli bathumela kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nasengxenyeni yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi;


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, yaba ngumkakhe; wamzalela uFinehasi. Lezi ziyizinhloko zemindeni yamaLevi ngezizukulwane zabo.


Kepha yena, ngokuba ehlala phakade unobupristi obungenakuguquleka.


Ngoba uDavida esekhonze esizukulwaneni sakhe ngentando kaNkulunkulu, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola;


Oyihlo bangaphi? nabaprofethi baphila phakade na?


Ngoba uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, kanjalo isiphukuphuku nodelela bayabhubha, bashiyele abanye ingcebo yabo.


Ngokuba ngiyazi ukuthi uyakungiyisa ekufeni nasendlini emiselwe bonke abaphilayo.


UFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, wema phambi kwakhe ngalezo zinsuku, wathi: “Ngiphinde ngiphume ukulwa nabantwana bakwaBhenjamini, umfowethu, noma ngiyeke?” Wayesethi uJehova: “Yenyuka; ngoba kusasa ngizawanikela esandleni sakho.


Lawa angamafa abantwana bakwa-Israyeli abawadla njengefa ezweni laseKhanani, umpristi u-Eleyazare, noJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ababanika wona njengefa.


U-Eleyazare, indodana ka-Aroni umpristi, kumelwe abe induna yezikhulu zamaLevi, aqondise labo abagcina inkonzo yendlu engcwele.


U-Aroni wazithathela u-Eliseba, indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaasoni; wamzalela uNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.


Lowo muntu wasuka emzini waseBetlehema Juda ukuba agogobale njengowezizwe lapho engathola khona indawo;


Kwakukhona umuntu othile waseRamatayimi-sofi, wasezintabeni zakwa-Efrayimi, ogama lakhe lalingu-Elkana, indodana kaJerohamu, indodana ka-Elihu, indodana kaThohu, indodana kaSufi, wakwa-Efrayimi.


Wadabula izintaba zakwa-Efrayimi, wadabula izwe laseSalisa, kepha abazitholanga; badabula izwe laseSalimi, kepha zazingekho; wadabula izwe lakwaBenjamini, kepha abawafumananga.


Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe linguSeba, indodana kaBikri, waphakamisa isandla sakhe emelene nenkosi, emelene noDavide; msindise, ngisuke emzini. Owesifazana wasesithi kuJowabi: Khangela, ikhanda lakhe liphoselwe phezu komduli ngenxa yakho.


Lawa angamagama abo: Indodana kaHure, ezintabeni zakwa-Efrayimi;


Wathi: “Kulungile.” Inkosi yami ingithumile ukuthi: ‘Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili ezivela kumadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ubanike italenta lesiliva nezingubo zangaphansi ezimbili.


Basuka lapho, baya ezintabeni zakwa-Efrayimi, bafika endlini kaMika.


indodana ka-Abishuwa, indodana kaFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umpristi omkhulu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite