Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 24:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJoshuwa wenza isivumelwano nabantu ngalolo suku, wabamisela isimiso nesimemezelo eShekemi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJoshuwa wayesenza isivumelwano nabantu ngalolo suku, wabamisela isimiso nomthetho eShekemi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Ngakho-ke uJoshuwa wenza isivumelwano nabantu ngalolo lusuku, wabamisela izimiso nemithetho eShekemi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 24:25
17 Referans Kwoze  

Wayibiza iNkosi; uJehova wambonisa umuthi awuphonsa emanzini; wabamisela khona isimiso nesimiso, wabavivinya khona.


Futhi ngenxa yakho konke lokhu senza isivumelwano esiqinile futhi sisilobe; nezikhulu zethu, namaLevi, nabapristi bethu, bayawunamathelisa.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabo bonke abantu naphakathi kwenkosi ukuthi bayoba abantu bakaJehova.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaJehova nenkosi nabantu ukuba babe ngabantu bakaJehova; naphakathi kwenkosi nabantu.


Manje sekusenhliziyweni yami ukwenza isivumelwano noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze ulaka lwakhe lusuke kithi.


Wonke uJuda wajabula ngesifungo, ngokuba bafunga ngenhliziyo yabo yonke, bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo; wafunyanwa yibo, uJehova wabanika ukuphumula nxazonke.


Benza isivumelwano sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoyise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo;


UJoshuwa waloba lawa mazwi encwadini yomthetho kaNkulunkulu, wathatha itshe elikhulu, walimisa lapho phansi kwesihlahla somtholo esisendlini engcwele kaJehova.


UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zabo, nabahluleli bakhe, nezinduna zabo; bazimisa phambi kukaNkulunkulu.


Lawa angamazwi esivumelwano uJehova ayala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.


UMose wayesefika, wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezimiso zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumile siyakuwenza.”


Bamnika uJakobe zonke izithixo zabezizwe ezazisesandleni sabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwesihlahla somtholo esasiseShekemi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite