Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 ukuze lingangeni phakathi kwalezi zizwe eziseleyo phakathi kwenu; futhi ungaliphathi igama labonkulunkulu babo, ufunge ngabo, ungabakhonzi, ungabakhothameli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 ukuba ningangeni kulezo zizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 ukuze ningahlangani nalezi zizwe ezisele phakathi kwenu, noma nibize amagama onkulunkulu bazo, nifunge ngabo, nibakhonze, noma nibakhothamele,

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:7
23 Referans Kwoze  

Niqaphele kukho konke enginitshele khona; igama labanye onkulunkulu ningaliphathi, lingazwakala emlonyeni wenu.


Ngizokuthethelela kanjani kulokhu? abantwana bakho bangishiyile, bafunga abangesibo onkulunkulu;


Ziyakwanda izinsizi zabo abaxosha omunye unkulunkulu; angiyikunikela ngeminikelo yabo yokuphuzwa yegazi, namagama abo angiyikuwaphatha ngomlomo wami.


Bangahlali ezweni lakini, funa bakwenze wone kimi; ngoba uma ukhonza onkulunkulu babo, kuzakuba lugibe kuwe.


Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole.


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Lalabo abakhonza ibandla lezulu phezu kwezindlu; nabakhuleka kuye, bafunge uJehova, nabafunga ngoMalikamu;


Ungangeni endleleni yababi, ungahambi endleleni yabantu ababi.


Uma kungenjalo, buyelani emuva nibambelele ensalini yalezi zizwe ezisele phakathi kwenu, nizithathe ningene nazo, nazo kanye nani;


Ngoba ngizakhupha amabizo awoBhali emlonyeni wakhe, njalo kabasayikukhunjulwa ngamabizo.


neNebo, neBali Mehoni, lapho amagama aguqukayo, neSibima; bayiqamba amanye amagama imizi abayakhayo.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Kumelwe umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, ufunge igama lakhe.


Kumelwe umesabe uJehova uNkulunkulu wakho; kumelwe umkhonze, futhi kumelwe unamathele kuye ufunge igama lakhe.


Kepha bambelelani kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.


Njalo uba befunda lokufunda izindlela zabantu bami, ukufunga ngebizo lami: Kuphila kukaJehova! njengoba bafundisa abantu bami ukufunga uBhali; khona-ke bayakwakhiwa phakathi kwabantu bami.


Kepha uma ningabaxoshi abakhileyo ezweni phambi kwenu; khona-ke labo enibayekayo bayakuba ngameva emehlweni enu nameva ezinhlangothini zenu, nihlushwe ezweni enihlala kulo.


Ningalandeli abanye onkulunkulu konkulunkulu bezizwe ezinizungezayo;


Kulokhu, uJehova uyakuthethelela inceku yakho ukuthi uma inkosi yami ingena endlini kaRimoni ukukhonza khona, yeyame esandleni sami, mina ngikhothame endlini kaRimoni; uma ngikhothama endlini kaRimoni, uJehova athethelele inceku yakho kule ndaba.


Bakhonza izithombe uJehova athi kubo: “Ningayenzi le nto.”


Kepha uma niphambuka, nishiye izimiso zami nemiyalo yami engiyibeka phambi kwenu, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite