Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kuyakuthi-ke, njengalokho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wenu akuthembisa khona, sekukwehlele; ngakho uJehova uyakwehlisela phezu kwakho konke okubi, aze akubhubhise kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kuyakuthi njengalokho zonke izinto ezinhle zenziwe kini akhuluma ngazo uJehova uNkulunkulu wenu kini, kanjalo uJehova ehlisele phezu kwenu zonke izinto ezimbi, aze anibhubhise kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Kodwa njengoba zonke izinto ezinhle uSimakade uNkulunkulu wenu anethembisa zona zigcwalisekile, kanjalo uSimakade uyonehlisela konke okubi, aze anibhubhise kuleli lizwe elihle uSimakade aniphe lona.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:15
18 Referans Kwoze  

besenqabela ukuthi sikhulume kwabezizwe ukuze basindiswe, bagcwalise izono zabo njalonjalo;


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni sakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Ristayimi, inkosi yase-Aramu Pothamiya;


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, ngokuba benza okubi emehlweni kaJehova.


Makabongwe uJehova owaphumuza abantu bakhe u-Israyeli njengakho konke akuthembisileyo; akwalahleka nelilodwa izwi kuzo zonke izithembiso zakhe ezinhle azikhulumayo ngesandla sikaMose inceku yakhe.


Ngokuba uJehova uyakumshaya u-Israyeli njengokunyakaziswa kohlanga emanzini, anqume u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula, ngokuba bazenzele izihlahla ezingcwele, oklolodela uJehova.


Ngakho isiqalekiso siwudlile umhlaba, nabakhileyo kuwo bachithekile; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa, kusele abantu abambalwa.


Bheka, izintaba zifikile emzini ukuwuthatha; umuzi wanikelwa esandleni samaKaledi alwa nawo, ngenxa yenkemba, nendlala, nesifo; futhi bheka, uyakubona.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikushilo ngabo, ngokuba ngikhulumile kubo, kepha bona akezwanga; ngababiza, kepha abaphendulanga.


Uma nihamba ngezimiso zami, nigcina imiyalo yami, niyenze;


Ngoba itsho njalo iNkosi: Njengoba ngehlisele phezu kwalababantu bonke lobububi obukhulu, ngokunjalo ngizakwehlisela phezu kwabo konke okuhle engikukhulume kibo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite