Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Yazini impela ukuthi uJehova uNkulunkulu wenu akasayikuxosha nesisodwa salezi zizwe phambi kwenu; kodwa ziyakuba yizihibe nezihibe kini, neziswebhu ezinhlangothini zenu nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezo zizwe phambi kwenu, kepha zoba lugibe nesihibe kini, nenkalivasi* ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 yazini impela ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu akayukuqhubeka axoshe lezi zizwe phambi kwenu, kodwa ziyoba wugibe nonoxhaka kini, nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wenu aninike lona.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:13
24 Referans Kwoze  

Kumelwe uqede zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho azokusindisa zona; iso lakho aliyikubahawukela; ungakhonzi onkulunkulu bazo; ngoba kuzakuba lugibe kini.


Kepha uma ningabaxoshi abakhileyo ezweni phambi kwenu; khona-ke labo enibayekayo bayakuba ngameva emehlweni enu nameva ezinhlangothini zenu, nihlushwe ezweni enihlala kulo.


Bangahlali ezweni lakini, funa bakwenze wone kimi; ngoba uma ukhonza onkulunkulu babo, kuzakuba lugibe kuwe.


Bayakuwa ngosiko lwenkemba, bathunjelwe ezizweni zonke, iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


Itafula labo malibe ngumjibila phambi kwabo;


nokuba balulame ogibeni lukaSathane, ababanjwe nguye ngentando yakhe.


Bonke abantu, abancane nabakhulu, nezinduna zempi, basuka baya eGibithe, ngokuba babewesaba amaKaledi.


Ngiyanitshela namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha, futhi aniyikuzandisa izinsuku zenu ezweni enawela iJordani ukuyolidla.


UJehova wabasiphula ezweni labo ngokuthukuthela nangokufutheka nangokufutheka okukhulu wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.


Ngifakaza kini namuhla izulu nomhlaba ukuthi niyakubhubha masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukulidla; aniyikuzandisa izinsuku zenu kulo, kepha niyakushaywa ngesiqalekiso.


Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Ngalokho uJuda wasuswa ezweni lakubo.


Ngokuba uSolomoni esemdala, abafazi bakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe yayingaphelele kuJehova uNkulunkulu wakhe njengenhliziyo kaDavide uyise.


Izinceku zikaFaro zathi kuye: “Koze kube nini lowo ewugibe kithi na?” abantu mabahambe, bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo; kawukazi yini ukuthi iGibhithe selibhujisiwe?


Ziqaphele, funa ungenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, kungabi lugibe phakathi kwakho.


Uthathele amadodana akho amadodakazi abo, amadodakazi abo aphinge ngokulandela onkulunkulu babo, amadodana akho aphinge ngokulandela onkulunkulu bawo.


Ngeke kusaba khona ikhakhasi elihlabayo noma iva elibuhlungu kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli ababeyidelela; bazakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.


Futhi kusukela manje kuqhubeke ngeke ngixoshe muntu phambi kwabo ezizweni uJoshuwa azishiya lapho efa.


Ngakho uJehova wabathukuthelela kakhulu u-Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe; akwasala muntu, isizwe sakwaJuda kuphela.


UJehova wayilahla yonke indlu yakwa-Israyeli, wayicindezela, wayinikela esandleni sababhubhisi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite