Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 22:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengokusho kwakhe kubo; ngalokho buyelani manje, niye ematendeni enu nasezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo; ngalokho buyani, niye ematendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 22:4
16 Referans Kwoze  

abakwaRubeni nabakwaGadi bamukela kubo ifa labo uMose abanika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho uMose inceku kaJehova abanika khona;


Asiyikubuyela ezindlini zethu abantwana bakwa-Israyeli baze badle ifa labo, kube yilowo nalowo.


uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, baze balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanike lona phesheya kweJordani; khona-ke kumelwe nibuyele yilowo nalowo efeni lakhe engininike lona.


UMose wanika isizwe sabantwana bakwaRubeni ifa ngokwezizukulwane zabo.


Salithatha izwe labo, salinika abakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase njengefa.


Ngoba awukafiki ekuphumuleni nasefeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku.


Wathi: “Ubuso bami buyakuhamba nawe, ngikuphumuze.”


uJehova waze waphumuza abafowenu njengalokho aninika khona, balidla nabo izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona; khona-ke niyakubuyela ezweni lefa lenu, nidle lokho uMose inceku kaJehova aninika khona nganeno kweJordani ekuphumeni kwelanga.


Anibashiyanga abafowenu izinsuku eziningi kuze kube namuhla, kodwa niyigcinile inkonzo yomyalo kaJehova uNkulunkulu wenu.


Banqoba uMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli; uMose, inceku kaJehova, walinika abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa.


UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphumuzanga na? ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe lanqotshwa phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite