Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 21:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Babanika umuzi ka-Arba, uyise ka-Enaki, eyiHebroni ezintabeni zakwaJuda, namadlelo ayo nxazonke zayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxa zonke zawo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Bawanika iKiriyathi Arbha okuyiHebhroni, umuzi kayise ka-Anaki, ezintabeni kwaJuda namadlelo awo nxazonke zawo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 21:11
15 Referans Kwoze  

Babanika iHebroni ezweni lakwaJuda nedlelo layo nxazonke zalo.


Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha ezintabeni, emzini wakwaJuda;


Kwathi emva kweminyaka engamashumi amane u-Abisalomu wathi enkosini: “Mangihambe ngigcwalise isithembiso sami engasenza kuJehova eHebroni.”


UJuda wasesuka wahlasela amaKhanani ayakhe eHebroni; igama leHebroni kuqala laliyiKiriyati Araba; babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.


neHumta, neKiriyatarba eliyiHebroni, neSiyori; imizi eyisishiyagalolunye nemizana yayo.


Igama leHebroni laliyiKiriyati-Arba kuqala; u-Arba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula empini.


UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre, emzini ka-Arba, okuyiHebroni, lapho u-Abrahama no-Isaka begogobele khona.


USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.


abantwana bakwa-Aroni ababenayo emindenini yamaKohati ababevela kubantwana bakwaLevi, ngokuba yaba yinkatho yabo yokuqala.


Kodwa insimu yomuzi nemizana yawo bakunika uKalebi indodana kaJefune kube yifa lakhe.


nakulabo ababeseHebroni, nakuzo zonke izindawo lapho uDavide ngokwakhe nabantu bakhe babevame ukuhamba khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite