Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 2:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha yawayisa ophahleni lwendlu, yawathukusa phezu kwezinhlanga zefilakisi ayezihlelile ophahleni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha wayewenyusele ophahleni, wawashumeka ezinhlangeni zefilakisi* abezihlelile ophahleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Kodwa ngaleso sikhathi wayesezikhuphulele phezulu ophahleni lwendlu yakhe, wazifihla phansi kwenyanda yekhwani ayeyibeke lapho.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 2:6
17 Referans Kwoze  

Ngokunjalo noRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi, esezamukele izithunywa, esezikhiphe ngenye indlela?


Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bambona engumntwana omuhle; futhi abawesabanga umyalo wenkosi.


Ngokuba nafa, nokuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu.


Owesifazane wathatha isimbozo, wendlala umgodi womthombo, weneka ukolweni ogqunyiweyo phezu kwawo; necala lalingaziwa.


Ophezu kwendlu kangehli ukukhupha ulutho endlini yakhe;


Inkosi yayala uJerakimeli indodana yenkosi, noSeraya, indodana ka-Asiriyeli, noShelemiya, indodana ka-Abideyeli, ukuba babambe uBharuki umbhali noJeremiya umprofethi; kepha uJehova wabafihla.


Kepha uJosheba, indodakazi yenkosi uJoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wathatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo; bamfihla, yena nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala lika-Athaliya, ukuze angabulawa.


Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, ukuthi ngafihla abantu abayikhulu kubaprofethi bakaJehova kwabangamashumi ayisihlanu emhumeni, ngabondla ngesinkwa nangamanzi, na?


Kwathi lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu, wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.)


Kwathi sekuhlwile, uDavide wavuka embhedeni wakhe, wahamba phezu kophahla lwendlu yenkosi; ephezu kophahla wabona owesifazane emgeza; owesifazane wayemuhle kakhulu ebukeka.


Kwathi zingakalala, wenyukela kuzo ophahleni;


Lapho wakha indlu entsha, kumelwe ulwenzele uthango ophahleni lwakho, ukuze ungehlisi igazi endlini yakho, uma umuntu ewa kuyo.


Owesifazane wakhulelwa, wazala indodana; lapho embona ukuthi ungumntwana omuhle, wamthukusa izinyanga ezintathu.


Kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango, sekuhlwile, amadoda aphuma; lapho amadoda aya khona, ngangingazi; ngoba uzawafica.


Amadoda abaxosha ngendlela eya eJordani kwaze kwaba semazibukweni; kwathi lapho ababebaxosha sebephumile, balivala isango.


UJoshuwa wayesebasindisa uRahabi isifebe, nendlu kayise, nabo bonke anabo; wahlala kwa-Israyeli kuze kube namuhla; ngoba wafihla izithunywa uJoshuwa azithuma ukuhlola iJeriko.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite