Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJoshuwa indodana kaNuni wathuma amadoda amabili eShithimi ukuba abe yizinhloli ngasese, wathi: “Hambani nibone izwe laseJeriko.” Base behamba, bafika endlini yesifebe, uRahabi, balala khona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 2:1
23 Referans Kwoze  

Ngokukholwa uRahabi isifebe akabhubhanga kanye nabangakholwanga, esamukele izinhloli ngokuthula.


Ngokunjalo noRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi, esezamukele izithunywa, esezikhiphe ngenye indlela?


uSalimoni wazala uBhowazi ngoRahabi; uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; u-Obede wazala uJese;


U-Israyeli wahlala eShithimi, abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi.


Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu; basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ngaphambi kokuba bawele.


Thumani amadoda enu ukuze ahlole ilizwe laseKhanani engilinika abantwana bakoIsrayeli; kuzo zonke izizwe zoyise wothuma indoda ibe nye, kube yilowo nalowo abe yisikhulu phakathi kwabo.


Amadoda amahlanu ayehambile ukuhlola izwe akhuphuka angena khona athatha isithombe esibaziweyo nesembatho sasemahlombe nezithixo zendlu nesithombe esibunjiweyo; umpristi wema ekungeneni kwesango namadoda angamakhulu ayisithupha ahlome izikhali zempi.


Abantwana bakwaDani bathuma emindenini yabo amadoda ayisihlanu, amadoda anamandla, evela eSora nase-Eshitawoli, ukuba ahlole izwe, alihlole; bathi kubo: “Hambani nihlole izwe.”


Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa emathafeni aseJeriko.


Bamisa ngaseJordani, kusukela eBeti Jeshimoti kuze kufike e-Abela Shithimi emathafeni akwaMowabi.


iHelekati nedlelo layo, neRehobe nedlelo layo; imizi emine.


Amadoda ayisihlanu abeye ukuhlola izwe laseLayishe aphendula, athi kubafowabo: “Niyazi yini ukuthi kulezi zindlu kukhona onkulunkulu bamatshe nendlu, nesithombe esibaziweyo, nesithombe esibunjiweyo na? manje-ke qaphelani okufanele nikwenze.


Noma ubani ovukela umyalo wakho futhi angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho kumelwe abulawe; vele uqine ugcwale isibindi.


Inkosi yaseJeriko yabikelwa, yathi: “Bheka, kufike lapha ebusuku amadoda avela kubantwana bakwa-Israyeli ukuhlola izwe.”


O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova.


UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; ukubona ubuze bezwe oze kulo.


Thumani omunye wenu ukuba amlande umfowenu, wena uyakuba etilongweni, ukuze kuvivinywe amazwi akho ukuthi kukhona yini iqiniso kuwe;


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Indlu kaJosefa yathumela ukuhlola iBethele. (Manje igama lomuzi laliyiLuze.)


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite