Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 18:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho wawusuka eJordani; umkhawulo wenyuka ohlangothini lweJeriko ngasenyakatho, wenyuka ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakusehlane laseBeti Aveni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho, wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Umngcele wabo ngasenyakatho wawusuka eJordani, wenyuke eceleni kweJerikho ngasenyakatho, ukhuphukele kwelezintaba entshonalanga, uze uyogcina ehlane iBhethi Aveni.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 18:12
11 Referans Kwoze  

Inkatho yabantwana bakwaJosefa yawela eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga ehlane elenyuka lisuka eJeriko ngasentabeni yaseBethele;


UJoshuwa wayesethuma amadoda asuka eJeriko aya e-Ayi eseduze neBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Akhuphuka amadoda, abheka i-Ayi.


Abakhileyo eSamariya bayakwesaba ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulilela nabapristi balo abajabulayo ngalo, ngodumo lwalo, ngokuba lumukile kulo.


Vuthelani icilongo eGibeya, necilongo eRama; memeza kakhulu eBeti Aveni, emva kwakho, Benjamini!


Noma ufeba, Israyeli, uJuda makangakhubeki; ningezi eGiligali, ningakhuphukeli eBeti Aveni, ningafungi: Kuphila kukaJehova!


IJeriko lalivaliwe ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; akuphumi muntu kungangeni muntu.


Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko.


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma amadoda amabili eShithimi ukuba abe yizinhloli ngasese, wathi: “Hambani nibone izwe laseJeriko.” Base behamba, bafika endlini yesifebe, uRahabi, balala khona.


UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benza sengathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane.


Kwavela inkatho yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngezizukulwane zabo; umkhawulo wenkatho yabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa.


AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite