Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 14:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 UMose wafunga ngalolo suku, wathi: “Impela izwe olunyathelwe yizinyawo zakho liyakuba yifa lakho nelababantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UMose wafunga ngalolo suku, wathi: ‘Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 UMose wafunga ngalolo lusuku, wathi: ‘Impela izwe lapho unyawo lwakho lunyathele khona liyokuba yifa lakho nabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele ngenhliziyo epheleleyo uSimakade uNkulunkulu wami.’

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 14:9
8 Referans Kwoze  

Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu, ngininikile zona, njengalokho ngasho kuMose.


Khululani uKalebi indodana kaJefune; uyakulibona, ngimnike izwe alinyathele yena nabantwana bakhe, ngokuba umlandele uJehova ngokupheleleyo.


Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)


Yonke indawo lapho amathe ezinyawo zenu eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni, kusukela emfuleni, umfula u-Ewufrathe kuze kube selwandle lwasekugcineni kuyakuba ngumkhawulo wenu.


Manje bheka, uJehova ungigcinile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, abantwana bakwa-Israyeli bezulazula ehlane; manje bheka, sengiyizinsuku ezingamashumi ayisishiyagalombili neminyaka emihlanu.


Bamnika uKalebi iHebroni, njengokusho kukaMose; wawaxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.


Ngokuba abenzi bokubi bayakunqunywa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite