Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 14:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha abafowethu abakhuphuka nami bancibilikisa izinhliziyo zabantu, kepha mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kodwa abafowethu engangikhuphuke nabo baba nombiko oqeda abantu amandla. Kepha mina ngamlandela uSimakade uNkulunkulu ngenhliziyo epheleleyo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 14:8
8 Referans Kwoze  

Kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela nokungilandela, ngiyakumyisa ezweni aya kulo; nenzalo yakhe iyakulidla.


Khululani uKalebi indodana kaJefune; uyakulibona, ngimnike izwe alinyathele yena nabantwana bakhe, ngokuba umlandele uJehova ngokupheleleyo.


Ngakho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefune, umKhenazi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngokupheleleyo.


Kodwa amadoda akhuphuka naye athi: “Asinakukhuphukela kubantu; ngoba banamandla kunathi.


Laba yibo abangangcoliswanga ngabesifazane; ngoba bayizintombi. Laba yibo abalandela iWundlu nomaphi lapho liya khona. Laba bahlengwa phakathi kwabantu, balibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu.


Ngaphandle kukaKalebi, indodana kaJefune, umKhenezi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba baphikelela eNkosini.


Ibandla lonke laphakamisa izwi lalo, lakhala; basebekhala abantu ngalobobusuku.


Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite