Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 14:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Igama leHebroni laliyiKiriyati-Arba kuqala; u-Arba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula empini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala ngomuntu owayemkhulu kuwo ama-Anaki. Izwe lase liphumula ekulweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Igama leHebhroni kuqala kwakuyiKiriyathi Arbha; lo Arbha wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula ekulweni.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 14:15
16 Referans Kwoze  

UJoshuwa walithatha izwe lonke njengakho konke uJehova abekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa ngokwezigaba zabo ngokwezizwe zabo. Izwe lazola ekulweni.


USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.


Izwe laba nokuphumula iminyaka engamashumi amane. U-Otheniyeli indodana kaKenazi wafa.


UKalebi indodana kaJefune wanika uJoshuwa isabelo phakathi kwabantwana bakoJuda, njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Arba, uyise kaEnaki, eyiHebroni.


Kanjalo amaMidiyani athotshiswa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, kangangokuthi abazange baphinde baphakamise amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane emihleni kaGideyoni.


Mazibhubhe zonke izitha zakho, Jehova, kepha abamthandayo mababe njengelanga lapho liphuma ngamandla alo. Izwe laphumula iminyaka engamashumi amane.


Ngalokho uMowabi wathotshiswa ngalolo suku phansi kwesandla sika-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre, emzini ka-Arba, okuyiHebroni, lapho u-Abrahama no-Isaka begogobele khona.


Wathi kuye: “Hamba, ubheke ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi; futhi ungilethele izwi futhi. Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, wafika eShekemi.


Ngakho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefune, umKhenazi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngokupheleleyo.


Babanika umuzi ka-Arba, uyise ka-Enaki, eyiHebroni ezintabeni zakwaJuda, namadlelo ayo nxazonke zayo.


Emizini namasimu ayo kwahlala abanye babantwana bakwaJuda eKiriyati-Arba nasemadlelweni ayo, naseDiboni nasemasangweni ayo, naseJekabiseyeli nasemizaneni yayo;


Kodwa insimu yomuzi nemizana yawo bakunika uKalebi indodana kaJefune kube yifa lakhe.


Bamnika uKalebi iHebroni, njengokusho kukaMose; wawaxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.


nakulabo ababeseHebroni, nakuzo zonke izindawo lapho uDavide ngokwakhe nabantu bakhe babevame ukuhamba khona.


U-Eleyazare wazala uFinehasi, uFinehasi wazala u-Abishuwa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite