Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 14:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Manje bheka, uJehova ungigcinile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, abantwana bakwa-Israyeli bezulazula ehlane; manje bheka, sengiyizinsuku ezingamashumi ayisishiyagalombili neminyaka emihlanu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Manje bheka, uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, u-Israyeli esahamba ehlane; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 “Manje, uSimakade ungivumele ngaphila njengalokhu ayeshilo, yonke le minyaka engama-45 kusukela ngesikhathi uSimakade akhuluma ngaso leli lizwi kuMose, ngesikhathi u-Israyeli esehamba edabula ehlane; manje ngisekhona nanamuhla, sengineminyaka engama-85.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 14:10
9 Referans Kwoze  

Ngokuqinisekile aniyikungena ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukuba nihlale kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


UJoshuwa walwa nawo wonke lawo makhosi isikhathi eside.


UJoshuwa wayesemdala, ehlushwe iminyaka; uJehova wathi kuye: “Usumdala, uneminyaka eminingi, kusekhona izwe eliningi ongalidla.


UMose wafunga ngalolo suku, wathi: “Impela izwe olunyathelwe yizinyawo zakho liyakuba yifa lakho nelababantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.


Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengalokho ayenjalo amandla ami ngaleso sikhathi, anjalo amandla ami manje okulwa, nokuphuma nokungena.


Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nezinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho; kodwa ngeke lisondele kuwe.


Bazulazula endleleni eyihlane ehlane; abatholanga umuzi wokuhlala.


Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune, ababephakathi kwamadoda ahamba ukuhlola izwe, babesaphila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite