Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 13:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 abakwaRubeni nabakwaGadi bamukela kubo ifa labo uMose abanika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho uMose inceku kaJehova abanika khona;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kanye naye abakwaRubeni nabakwaGadi balamukela ifa abanika lona uMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho inceku kaJehova uMose yabanika:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, nabakwaRubeni nabakwaGadi basemukela isabelo sefa labo abasinikwa nguMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokhu uMose, inceku kaSimakade, yababela lona:

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 13:8
11 Referans Kwoze  

Banqoba uMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli; uMose, inceku kaJehova, walinika abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa.


Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengokusho kwakhe kubo; ngalokho buyelani manje, niye ematendeni enu nasezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase badabula behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose wakhuluma kubo.


Ngoba ngeke senze amatulo phesheya kweJordani noma ngaphambili; ngoba ifa lethu lisempumalanga yeJordani.


Ngaleso sikhathi salithatha esandleni samakhosi amabili ama-Amori izwe elingaphesheya kweJordani, kusukela emfuleni i-Arinoni kuze kube seNtabeni iHermoni;


Lawa angamakhosi ezwe anqoba abantwana bakwa-Israyeli, adla izwe labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela emfuleni i-Arinoni kuze kufike entabeni yaseHermoni nasethafeni lonke ngasempumalanga.


Bese uhlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye yesizwe sakwaManase,


kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni, nomuzi ophakathi nomfula, nethafa lonke kusukela eMedeba kuze kube seDiboni;


Amanye amaHeberu awela iJordani, aya ezweni lakwaGadi nelakwaGileyadi. Kepha uSawule wayeseseGiligali, bonke abantu bamlandela bethuthumela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite