Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 13:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bese uhlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye yesizwe sakwaManase,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngalokho yahlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nelenxenye yesizwe sakwaManase.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngalokho-ke lehlukanise leli lizwe libe yifa lezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye yesizwana sakwaManase.”

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 13:7
12 Referans Kwoze  

Kumelwe nihlukanise izwe ngenkatho phakathi kwezizukulwane zenu; futhi eniyomnika okuningi, ifa elikhulu, futhi omncane, ifa elincane; ifa lawo wonke umuntu kumelwe libe sendaweni lapho isabelo sakhe siwela khona; niyakudla ifa ngokwezizwe zoyihlo.


Bonke abakhileyo ezintabeni kusukela eLebanoni kuze kube seMisirefotimayimi, nawo wonke amaSidoni, ngiyobaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli; nje ulabele abantwana bakwa-Israyeli ngenkatho njengefa, njengalokho ngakuyala.


abakwaRubeni nabakwaGadi bamukela kubo ifa labo uMose abanika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho uMose inceku kaJehova abanika khona;


Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Babanika amazwe ezizwe, badla ifa lokukhandleka kwabantu;


“Uma nahlukanisa izwe libe yifa ngenkatho, niyakunikela ngomnikelo kuJehova, kube yisabelo esingcwele sezwe, ubude bube yizinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi. Kumelwe ibe ngcwele kuyo yonke imingcele yayo nxazonke.


UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nali izwe eniyakulidla ngenkatho uJehova ayala ukuba nilinike izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye yesizwe.


Ifa labo laba ngenkatho, njengalokho uJehova eyalile ngesandla sikaMose ezizweni eziyisishiyagalolunye nasenxenyeni yesizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite