Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 13:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

31 Inxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani, yayingelabantwana bakwaMagiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMagiri ngemindeni yabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 nengxenye kwaGileyadi, i-Ashitharothi, ne-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani; yonke leyo yabelwa abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase ngokwemindeni yabo, ingxenye yabozalo lukaMakhiri.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 13:31
14 Referans Kwoze  

nesifunda esisogwini sika-Ogi inkosi yaseBashani owayengowensali yamaRefa ayehlala e-Ashitaroti nase-Edireyi,


nakho konke akwenza emakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kuSihoni, inkosi yaseHeshiboni, naku-Ogi inkosi yaseBashani owayese-Ashitaroti.


wonke umbuso ka-Ogi eBashani owabusa e-Ashitaroti nase-Edireyi owasala ensalini yamaRefa; ngoba bamnqoba uMozisi, babaxotsha.


Lawa angamafa uMose awanika ukuba abe yifa emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani eJeriko ngasempumalanga.


Ngokuba amadodakazi kaManase aba nefa phakathi kwamadodana akhe, nezwe lakwaGileyadi amanye amadodana kaManase.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali, no-Ashitaroti, nonkulunkulu base-Aramu, nonkulunkulu baseSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nonkulunkulu bama-Amoni. Onkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, abamkhonzanga.


USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli, wathi: “Uma niphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti phakathi kwenu, nilungise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa. Uyokusindisa esandleni samaFilisti.


Base bebiza uJehova, bathi: “Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kepha manje usikhulule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.


Amadodana kaGereshomu aphiwa ozalweni lwengxenye yesizwe sakwaManase: iGolani eBashani namadlelo alo, ne-Ashitaroti namadlelo alo.


Ngowami iGileyadi, ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami;


Izabelo eziyishumi zawela kuManase ngasezweni lakwaGileyadi neBashani elingaphesheya kweJordani;


UGileyadi wahlala phesheya kweJordani, uDani wahlala ngani emikhunjini? U-Asheri wahlala ogwini lolwandle, wahlala emifantwini yakhe.


Ngasemdeni kaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uManase, libe linye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite