Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 12:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lawa angamakhosi ezwe anqoba abantwana bakwa-Israyeli, adla izwe labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela emfuleni i-Arinoni kuze kufike entabeni yaseHermoni nasethafeni lonke ngasempumalanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa ngabantwana bakwa-Israyeli, belidla izwe lawo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Nanka amakhosi ezwe u-Israyeli awanqoba, amazwe awo ahlala kuwo kusukela ngaphesheya kweJordani kuya empumalanga, kusukela esigodini i-Arinoni kuya entabeni iHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 12:1
24 Referans Kwoze  

Base bedabula ihlane, balihaqa izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, bafika ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni, kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi. Ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.


uJehova waze waphumuza abafowenu njengalokho aninika khona, balidla nabo izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona; khona-ke niyakubuyela ezweni lefa lenu, nidle lokho uMose inceku kaJehova aninika khona nganeno kweJordani ekuphumeni kwelanga.


U-Israyeli wamshaya ngosiko lwenkemba, walidla izwe lakhe kusukela e-Arinoni kuze kube seJabhoki kubantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.


Basuka lapho bamisa inkamba ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane eliphuma emkhawulweni wama-Amori; ngokuba i-Arinoni ingumkhawulo wakwaMowabi, phakathi kukaMowabi nama-Amori.


Ngokuba njengenyoni ezulazulayo elahliwe esidlekeni, ayakuba njalo amadodakazi akwaMowabi ngasemifuleni yase-Arinoni.


Njengamazolo aseHermoni nanjengamazolo ehlela ezintabeni zaseSiyoni, ngokuba lapho uJehova wayala khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.


Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengokusho kwakhe kubo; ngalokho buyelani manje, niye ematendeni enu nasezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.


kusukela entabeni yaseHalaki ekhuphukela eSeyiri, kuze kufike eBali Gadi esigodini saseLebanoni phansi kwentaba iHermoni; wathatha wonke amakhosi abo, wawanqoba, wawabulala.


namaKhanani ngasempumalanga nasentshonalanga, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi phansi kweHermoni, ezweni laseMispa.


kusukela e-Aroweri ephezu komfula i-Arinoni, kuze kufike entabeni yaseSiyoni eyiHermoni,


Sukumani, nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, ngiyakunikela uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe esandleni senu; qala ukulidla futhi ulwe naye empini.


Ngoba ngeke senze amatulo phesheya kweJordani noma ngaphambili; ngoba ifa lethu lisempumalanga yeJordani.


UMose wabanika abantwana bakwaGadi, nabantwana bakwaRubeni, nenxenye yesizwe sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni, inkosi yama-Amori, nombuso ka-Ogi, inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo emikhawulweni, imizi yezwe nxazonke.


abakwaRubeni nabakwaGadi bamukela kubo ifa labo uMose abanika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho uMose inceku kaJehova abanika khona;


Nguwena owadala inyakatho neningizimu: iThabori neHermoni ayakujabula egameni lakho.


Wanikela izwe labo libe yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni, inkosi yama-Amori, ukuthi:


Sizachapha sihlomile phambi kwe Nkosi, siye elizweni leKhanani, ukuze ifa lethu elisempumalanga kweJordani libe ngelethu.


USihoni wayesephuma wasihlangabeza, yena nabo bonke abantu bakhe, ukulwa eJahazi.


Sase siphenduka, sakhuphukela eBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma wasihlangabeza, yena nabo bonke abantu bakhe, ukulwa e-Edireyi.


Nanku umthetho uMose awubekela abantwana bakwa-Israyeli;


Ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori, ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni, owanqoba uMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.


uGebere indodana ka-Uri wayesezweni lakwaGileyadi, ezweni likaSihon, ukumkani wama-Amori, nelika-Ogi inkosi yaseBashan; futhi kwakunguye yedwa isikhulu ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite