Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kwathi ngesikhathi sokushona kwelanga, uJoshuwa wayala, futhi bayithatha emithini bayiphonsa emhumeni ababecashe kuwo, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume. Esekhona kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Kwathi ngesikhathi sokushona kwelanga uJoshuwa wayala, bawehlisa emithini, bawaphonsa emhumeni lapho ebecashe khona, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume; akhona nanamuhla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Ekushoneni kwelanga uJoshuwa wayala, base beyawehlisa emithini, bawaphonsa emgedeni lapho ayekade ecashe khona, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womgede; asekhona nanamuhla.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:27
5 Referans Kwoze  

Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; kwathi lapho nje ilanga selishonile, uJoshuwa wayala ukuba behlise isidumbu sakhe esihlahleni basijikijele ngasemnyango wesango lomuzi bamise phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe esekhona kuze kube yilolu suku.


Bamthatha u-Abisalomu, bamphonsa emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; wonke u-Israyeli wabaleka, kwaba yilowo nalowo waya etendeni lakhe.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba enkulu yamatshe kuze kube namuhla. Kanjalo uJehova waphenduka ekuvutheni kwentukuthelo yakhe. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi: IsiGodi sase-Agori kuze kube namuhla.


UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi kweJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi ababethwele umphongolo zazimi khona, asekhona kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite