Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Lapho uJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli sebeqedile ukuwabulala ngokuceka okukhulu kakhulu aze aqedwa, insali yawo yangena emizini enezivikelo eziqinile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kwathi lapho uJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli sebeqedile ukubaceka ngokuceka okukhulu kakhulu baze baqedwa, insali yabo nokho isingenile emizini ebiyelweyo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Kwathi lapho uJoshuwa nabantu bakwa-Israyeli sebecekele phansi abaningi kakhulu baze babaqeda, insali yangena emizini ebiyelweyo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:20
12 Referans Kwoze  

Kwathi u-Israyeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo e-Ayi endle, ehlane ababebaxoshele kulo, sebewa bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa, wonke u-Israyeli wabuyela e-Ayi, wayinqoba. Yona ngobukhali benkemba.


Sihlalelani? buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sithule khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usithulisile, wasinika inyongo ukuba sinathe, ngokuba sonile kuJehova.


U-Abiya nabantu bakhe bababulala ngokuceka okukhulu, kwaze kwawa amadoda akhethiweyo kwa-Israyeli ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.


UDavida wasesithi kuAbishayi: Khathesi uSeba, indodana kaBigi, uzasenzela okubi okwedlula uAbisalomu; thatha inceku zenkosi yakho, umsukele, ukuze angazithatheli imizi ebiyelweyo, siphunyuke.


UJehova wabavusa phambi kuka-Israyeli, wababulala eGibeyoni ngokuceka okukhulu, wabaxosha endleleni ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


Kodwa emizini yalababantu uJehova uNkulunkulu wakho azakunika yona ibe yilifa, ungaphili lutho oluphefumulayo.


Futhi ningahlali, kodwa landelani izitha zenu futhi ninqobe abangasemuva bazo; ningabavumeli ukuba bangene emizini yabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uwanikele esandleni senu.


Bonke abantu babuyela ekamu ngokuthula kuJoshuwa eMakheda; kakho owaphakamisa ulimi lwakhe komunye wabantwana bakoIsrayeli.


Kumemezeleni kwaJuda, nikumemezele eJerusalema; nithi: Vuthelani icilongo ezweni; bizani, nibuthane, nithi: Buthani, singene emizini evikelekile.


UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, wabanqoba, wabaxosha kwaze kwaba seSidoni elikhulu, naseMisirefotimayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga; futhi babahlula kwaze kwasala noyedwa.


UJoshuwa wathatha yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi awo, wawachitha ngosiko lwenkemba, wawashaya ngesiqalekiso, njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.


Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yanqoba amahhashi nezinqola, yawachitha ama-Aramu ngokuceka okukhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite