Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa lawo makhosi amahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lawo makhosi omahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Lawo makhosi ayisihlanu abaleka, ayocasha emgedeni eMakheda.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:16
17 Referans Kwoze  

Amakhosi omhlaba, nezikhulu, nezinduna, nezicebi, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo, bacasha emihumeni nasemadwaleni ezintaba;


Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume emigodini yabo njengezimpethu emhlabeni; bayakumesaba uJehova uNkulunkulu wethu, bakwesabe.


Noma bemba endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubathatha; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.


UDavide naye wasukuma emva kwalokho waphuma emhumeni, wabiza uSawule emva kwakhe, wathi: “Nkosi yami, nkosi! USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.


Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kwakukhona khona umhume; uSawule wangena ukumboza izinyawo zakhe, kepha uDavide nabantu bakhe bahlala ezinhlangothini zomhume.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi baswele (ngokuba abantu babecindezelekile), abantu bacasha emihumeni nasemahlozini nasemadwaleni naseziqongweni nasemigodini.


Isandla sakwaMidiyani saba namandla phezu kuka-Israyeli, abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imigodi esezintabeni, nemigede, nezinqaba ngenxa yabakwaMidiyani.


Ngakho amakhosi amahlanu ama-Amori, inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakishi, inkosi yase-Egiloni, abuthana, akhuphuka, wona nawo onke amabutho awo, amisa phambi kweGibeyoni nemizi yawo walwa nayo.


UJoshuwa wabuyela ekamu laseGiligali, nawo wonke u-Israyeli enaye.


Kwathiwa kuJoshuwa: Lawo makhosi amahlanu aficwe ecatshile emhumeni eMakheda.


Amakhosi ebutho abaleka masinyane, nenkosikazi eyayisele ekhaya yahlukanisa impango.


Noma ulala phakathi kwezimbiza, uyakuba njengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva nezimpaphe zalo ngegolide eliphuzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite