Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Qina, ume isibindi, ngokuba laba bantu uyakubanika izwe engalifungela oyise ukubanika lona libe yifa labo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:6
36 Referans Kwoze  

wathi: “O othandekayo, ungesabi; ukuthula kini, qinani, yebo, qinani. Lapho ekhuluma kimi, ngaba namandla, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami; ngoba ungiqinisile.


Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, ukuze wenze ngokucophelela ngokomthetho wonke uMose, inceku yami, akuyala ngawo: ungaphambuki kuwo uye kwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


Elokugcina, bazalwane bami, qinani eNkosini nasemandleni akhe amakhulu.


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Ngakho wena, ndodana yami, qina emuseni okuKristu Jesu.


Qaphelani manje; ngokuba uJehova ukukhethile ukuba wakhe indlu yendlu engcwele; qina ukwenze.


Khona-ke uyakuba nempumelelo, uma ulalela ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngakho uMose ngo-Israyeli: qina, uqine; ningesabi, ningapheli amandla.


Kepha manje qina, Zerubabele, usho uJehova; futhi qina, Joshuwa, ndodana kaJosefa, mpristi omkhulu; niqine nina nonke bantu bezwe,” usho uJehova, “nisebenze; ngokuba nginani,” usho uJehova Sebawoti.


Lindela uJehova, ube nesibindi, uyakuqinisa inhliziyo yakho; lindelani uJehova.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Maziqine izandla zenu nina enizwa lawa mazwi ngalezi zinsuku ngomlomo wabaprofethi ababekhona mhla kubekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli lalingakhiwa.


Mina ngihamba indlela yomhlaba wonke; khona-ke qina, uzibonakalise uyindoda;


hlala njengowezizwe kuleli zwe, ngiyakuba nawe, ngikubusise; ngokuba ngiyakukunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, futhi ngigcwalise isifungo engasifunga kuyihlo u-Abrahama;


Qinani, nime njengamadoda, nina maFilisti, ukuze ningawakhonzi amaHeberu njengalokho ekhonza kini;


Wayala uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, uqine, ngokuba uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engabathembisa lona ngesifungo, mina ngiyakuba nawe.”


Bhekani, uJehova uNkulunkulu wenu ulibekile izwe phambi kwenu; khuphukani nilidle, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo eshilo kini; ningesabi, ningapheli amandla.


Ngakho anogcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, nithathe izwe eningena kulo ukulidla;


Qinani, masibe nesibindi ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu, uJehova enze lokho akubona kufanele.


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.


Kubo, izwe kumelwe lihlukaniselwe njengefa ngokwesibalo samagama.


Kumelwe nixoshe abakhileyo ezweni futhi nihlale kulo, ngoba ngininikile izwe ukuba nilidle.


Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.


Noma ubani ovukela umyalo wakho futhi angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho kumelwe abulawe; vele uqine ugcwale isibindi.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, aze abhubha onke amaqhawe aphuma eGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; uJehova afunga kubo ukuthi akayikuba nalutho. Sibabonise izwe uJehova alifungela okhokho babo ukusinika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi.


UJoshuwa wayesethi kubo: “Ningesabi, ningapheli amandla; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza lokhu kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.


Bonke abakhileyo ezintabeni kusukela eLebanoni kuze kube seMisirefotimayimi, nawo wonke amaSidoni, ngiyobaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli; nje ulabele abantwana bakwa-Israyeli ngenkatho njengefa, njengalokho ngakuyala.


UJoshuwa wayesethi kubantwana bakwa-Israyeli: “Koze kube nini niphuza ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na?


UJehova wamnika u-Israyeli lonke izwe ayefunge ukulinika oyise; balidla, bahlala kulo.


UDavide wayesethi kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akushiye, uze uqede wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.


Ngakho qinani, izandla zenu mazingadangali, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo.


Awusiye uNkulunkulu wethu yini owaxosha abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, walinika inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade na?


Bheka, ngithi, basivuza kanjani ngokuza ukusixosha efeni lakho owasinika lona njengefa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite