Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Noma ubani ovukela umyalo wakho futhi angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho kumelwe abulawe; vele uqine ugcwale isibindi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho, angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Noma ngubani omelana neziyalo zakho, angawahloniphi amazwi akho, lokho oyala ngakho, uyakuyiswa kwagoqanyawo. Wena nje qina ume isibindi.”

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:18
14 Referans Kwoze  

Elokugcina, bazalwane bami, qinani eNkosini nasemandleni akhe amakhulu.


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Sukumani; ngoba lendaba ingeyenu; futhi sizoba nawe; yiba nesibindi ukwenze.


Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Abantu bathi kuSamuweli: “Ngubani owathi: ‘USawule uyakubusa phezu kwethu na? lethani amadoda, ukuze siwabulale.


Kodwa lezozitha zami ezazingathandanga ukuthi ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, lizibulale phambi kwami.


Umuntu ofuna ukwenza ngokugabadela futhi angamlaleli umpristi omi lapho ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu kufanele afe; futhi kumelwe ususe ububi kwa-Israyeli.


Njengalokho samlalela uMose kukho konke, kanjalo siyakulalela nawe; kuphela uJehova uNkulunkulu wakho makabe nani, njengalokho ayenoMose.


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma amadoda amabili eShithimi ukuba abe yizinhloli ngasese, wathi: “Hambani nibone izwe laseJeriko.” Base behamba, bafika endlini yesifebe, uRahabi, balala khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite