Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Njengalokho samlalela uMose kukho konke, kanjalo siyakulalela nawe; kuphela uJehova uNkulunkulu wakho makabe nani, njengalokho ayenoMose.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Njengalokho samlalela kukho konke, kanjalo siyakulalela wena; kepha, kuphela uJehova uNkulunkulu wakho, makabe kuwe njengalokho wayenoMose.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Njengoba samlalela uMose ezintweni zonke, nawe siyakukuhlonipha. Kuphela nje, sengathi uSimakade uNkulunkulu wakho angaba nawe njengalokhu ayenoMose.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:17
19 Referans Kwoze  

Akuyikuma muntu phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukushiya, angiyikukushiya.


Njengalokhu uJehova wayenenkosi yami, inkosi, makabe noSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.


Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.


Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu.


Sindisa, Jehova! INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.


Faka enhliziyweni yakho wenze wonke amasu akho.


Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. UJehova uyakukuzwa ngosuku losizi; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele;


UDavide wayesethi kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akushiye, uze uqede wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.


UJehova wenza lokhu, nokunye okuningi kuJonathani; kepha uma kukuhle kubaba ukwenza okubi kuwe, ngiyakukwazisa, ngikumukise, uhambe ngokuthula; uJehova uyakuba nawe njengalokho ebenobaba.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Konke osiyala ngakho siyakukwenza; futhi nomaphi lapho usithumela khona, sizoya.


Noma ubani ovukela umyalo wakho futhi angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho kumelwe abulawe; vele uqine ugcwale isibindi.


UJehova wayesethi kuMose: “Zithathele uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu okuye uMoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe;


Kumelwe ubeke udumo lwakho phezu kwakhe, ukuze yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele.


UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya wokuhlakanipha; ngokuba uMose wabeka izandla phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ngalolo suku uJehova wamenza waba mkhulu uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Futhi uDavide wathi: “UJehova owangisindisa esandleni sengonyama nasoshawini lwebhere, nguyena oyangisindisa esandleni salo mFilisti. USawuli wasesithi kuDavida: Hamba, njalo uJehova uzakuba lawe.


Inceku yakho yathi: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, makube elinokuthula, ngokuba njengengelosi kaNkulunkulu, injalo inkosi yami, inkosi, ukwahlukanisa okuhle nokubi; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakuba nawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite