Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaMose, wathi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi:

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:1
29 Referans Kwoze  

UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya wokuhlakanipha; ngokuba uMose wabeka izandla phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


Wayala uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, uqine, ngokuba uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engabathembisa lona ngesifungo, mina ngiyakuba nawe.”


UJehova uNkulunkulu wakho nguyena oyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa yena uyakuphuma phambi kwenu, njengalokho eshilo uJehova.


Kodwa uJoshuwa, indodana kaNuni, omi phambi kwakho, nguyena oyakungena khona; mkhuthaze, ngokuba uyakwenza u-Israyeli adle ifa lalo.


Khona-ke uMose nenceku yakhe uJoshuwa basukuma, futhi uMose wakhuphuka entabeni kaNkulunkulu.


UPawulu, inceku kaJesu Kristu, owabizelwa ukuba ngumphostoli, owahlukaniselwa ivangeli likaNkulunkulu,


Okhokho bethu abayilandela bayingenisa kanye loJesu empahleni yabezizwe, uNkulunkulu abaxotshayo phambi kobuso babokhokho bethu, kwaze kwaba semihleni kaDavida;


UMose inceku kaJehova wafela khona ezweni lakwaMowabi njengezwi likaJehova.


Kepha uJehoshafati wathi: “Akukho mprofethi kaJehova lapha ukuba sibuze uJehova ngaye na?” Yaphendula enye yezinceku zenkosi yakwa-Israyeli, yathi: “Nangu u-Elisha indodana kaShafati owathela amanzi esandleni sika-Eliya.


Futhi uJehu, indodana kaNimsi, kumelwe umgcobe abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; futhi u-Elisa, indodana kaShafati, wase-Abela Mehola, kumelwe umgcobe abe umprofethi esikhundleni sakho.


Banqoba uMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli; uMose, inceku kaJehova, walinika abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa.


Lesi yisibusiso uMozisi, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakoIsrayeli engakafi.


Lawa angamagama amadoda uMose awathuma ukuba ahlole izwe. UMose wabiza uHoseya, indodana kaNuni, ngokuthi uJoshuwa.


Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHoseya indodana kaNuni.


Akunjalo ngenceku yami uMose, othembekile endlini yami yonke.


UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose, omunye wezinsizwa zakhe, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, banqabele.”


Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.


UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, kubo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekile, ngiyabingelela.


UPawulu, inceku kaNkulunkulu, nomphostoli kaJesu Kristu, ngokokholo lwabakhethiweyo bakaNkulunkulu, nokulazi iqiniso elingokokumesaba uNkulunkulu;


Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu, nongalungile kokuncane kakhulu akalungile nakokukhulu.


nangaso sonke leso sandla esinamandla nakukho konke ukwesabeka okukhulu uMose akubonisayo phambi kwamehlo ka-Israyeli wonke.


Inceku yami uMose ifile; Suka manje, uwele leli Jordani, wena nabo bonke laba bantu, niye ezweni engizabanika lona abantwana bakwa-Israyeli.


uJehova waze waphumuza abafowenu njengalokho aninika khona, balidla nabo izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona; khona-ke niyakubuyela ezweni lefa lenu, nidle lokho uMose inceku kaJehova aninika khona nganeno kweJordani ekuphumeni kwelanga.


Ibandla lonke lababebuyile ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala phansi kwamadokodo; ngoba kusukela emihleni kaJeshuwa indodana kaNuni kuze kube yilolosuku abantwana bakoIsrayeli kabakwenzanga lokho. Futhi kwakukhona injabulo enkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite