Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 4:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwathi ekuphumeni kwelanga, uNkulunkulu walungisa umoya wasempumalanga onamandla; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waquleka, wafuna ukufa phakathi kwakhe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”

Gade chapit la Kopi




UJona 4:8
23 Referans Kwoze  

Ngalokho, Jehova, susa ukuphila kwami kimi; ngoba kungcono kimi ukufa kulokuphila.


Kodwa wathukuthela ngokuthukuthela, waphonswa phansi, umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo; izinduku zalo ezinamandla zaphuka zabuna; umlilo wabaqeda.


Ilanga aliyikukushaya emini, nenyanga ebusuku.


Abasayikulamba, bangabe besakoma; nelanga aliyikubakhanyisela, noma yikuphi ukushisa.


Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale; ngakho shisekela, uphenduke.


Abayikulamba, noma bome; futhi ukushisa nelanga ngeke kubashaye; ngokuba lowo onomusa kubo uyakubahola, abahole ngasemithonjeni yamanzi.


UJehova walungisa inhlanzi enkulu ukuba imginye uJona. UJona wayesesiswini senhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Kodwa uJehova wathumela umoya omkhulu elwandle, kwavela isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze waphuka.


Ningangibheki, ngokuba ngimnyama, ngokuba ilanga lingibhekile; abantwana bakamama bangithukuthelela; bangibeka umlindi wezivini; kodwa mina angisigcinanga isivini sami.


Ngangiyisimungulu, angivulanga umlomo wami; ngoba ukwenzile.


Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengokukhuluma kwabesifazane abayiziwula.” Ini? siyakwamukela okuhle esandleni sikaNkulunkulu, singamukeli okubi na? Kukho konke lokhu uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


USamuweli wamtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “NguJehova; makenze lokho akubona kufanele.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akukhulumayo ngokuthi: ‘Ngizangcweliswa kulabo abasondela kimi, futhi phambi kwabo bonke abantu ngiyodunyiswa. U-Aroni wathula.


Besithi: Laba bokugcina basebenze ihola elilodwa, usubalinganisile lathi esithwele ubunzima lokushisa kwemini.


Kepha yena wahamba ibanga losuku ehlane, wafika wahlala phansi komjunipha; futhi wazibuza ukuthi kufanele afe; wathi: Kwanele; manje, Jehova, susa ukuphila kwami; ngoba kangingcono kulobaba.


Noma ethela phakathi kwabafowabo, kuyofika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ukhuphuke uvela ehlane, nomthombo wakhe wome, nomthombo wakhe wome; Uyophanga ingcebo yazo zonke izinto ezithandekayo.


UNkulunkulu wasesithi kuJona: Kuhle yini ukuthi uthukuthelele umhlakuva? Wathi: “Kuhle ukungithukuthelela kuze kube sekufeni.”


Bheka, kwakhuphuka imithambo eyisikhombisa ezacile, ivungulwa ngumoya wasempumalanga;


U-Ahabi wangena endlini yakhe edangele, ethukuthele ngenxa yezwi uNaboti waseJizreyeli abelikhulume kuye; ngoba wathi: Kangiyikukunika ilifa labobaba. Walala embhedeni wakhe, wafulathela ubuso bakhe, akadlanga sinkwa.


Ngakho umphefumulo wami ukhetha ukuklinywa nokufa kunokuphila kwami.


Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala esifubeni seziwula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite