Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 4:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNineve, umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisithupha abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; nezinkomo eziningi na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”

Gade chapit la Kopi




UJona 4:11
17 Referans Kwoze  

Bekungafanele yini nawe ube nesihawu ngenceku kanye nawe, njengalokho nami ngakuhawukela na?


Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze ngawo; ngoba ububi babo bukhuphukele phambi kwami.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu; Ukwahlulela kwakho kungukujula okukhulu; O Jehova, uvikela abantu nezilwane.


Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango, nabantwana benu ababengakwazi ngalolo suku okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle.


Uhlumisela izinkomo utshani, nezitshalo zokusebenzela umuntu, ukuze kuphume ukudla emhlabeni;


UNkulunkulu wabona izenzo zabo, ukuthi baphenduka endleleni yabo embi; uNkulunkulu wazisola ngobubi abethi uyakubenza kubo; futhi akakwenzanga.


Wozani manje siyilungise indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokubomvu, ziyakuba njengoboya bezimvu.


Ngoba ngaphambi kokuba umfana akwazi ukwala okubi futhi akhethe okuhle, izwe elizondayo liyoshiywa amakhosi alo amabili.


Khona uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wasuka wahamba, wabuya, wahlala eNineve.


Wayesethi uJehova: “Wena wawuhawukele umhlakuva, ongawusebenzelanga, ongawuyekanga ukhule; owavuka ngobusuku bunye wabhubha ngobusuku bunye;


nazo zonke izidalwa eziphilayo ezikini, izinyoni, nezinkomo, nezilwane zonke zomhlaba ezikanye nani; kubo bonke abaphuma emkhunjini, kuzo zonke izilwane zomhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite