Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha umuntu nezilwane makubembeswe izingubo zokulila, kukhale kuNkulunkulu ngamandla; yebo, mababuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obusezandleni zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 kepha bambozwe ngendwangu yamasaka, umuntu nesilwane, kukhalwe kuNkulunkulu ngamandla, yebo, kubuyiswe yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obusezandleni zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 kodwa abantu nemfuyo makwembathe amasaka, kukhulekwe kakhulu kuSimakade, kube yilowo nalowo aphenduke, ashiye ububi nobudlova bakhe.

Gade chapit la Kopi




UJona 3:8
23 Referans Kwoze  

Induna yasondela kuye, yathi kuye: “Uthini wena olele ubuthongo na?” sukuma, ubize uNkulunkulu wakho, uma uNkulunkulu esikhumbula, ukuze singalahleki.


Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi;


Base bebiza uJehova, bathi: “Siyakuncenga, Jehova, ukuba ungabhubhi ngenxa yokuphila kwalo muntu, ungachithi igazi elingenacala phezu kwethu; ngoba wena Jehova wenzile okuhle emehlweni akho.


Izindwangu zabo aziyikuba yingubo, abayikuzimboza ngemisebenzi yabo; imisebenzi yabo iyimisebenzi yobubi, nomsebenzi wobudlova usezandleni zabo.


kodwa ngabika kuqala kwabaseDamaseku, naseJerusalema, nakuzo zonke izindawo zaseJudiya, nakwabezizwe, ukuba baphenduke, baphendukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka;


Ngakho-ke, nkosi, makwamukeleke iseluleko sami kuwe, wephule izono zakho ngokwahlulela nobubi bakho ngokuhawukela abampofu; uma kungase kube ukunwetshwa kokuthula kwakho.


Wothi kubo: Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, kangithokozi ngokufa komubi; kodwa ukuthi omubi aphenduke endleleni yakhe nokuphila. Ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?


Hamba manje, ukhulume kubantu bakwaJuda nakubakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova; Bhekani, ngiceba okubi ngani, ngiceba icebo ngani; phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.


Lokhu akusikho ukuzila engikukhethileyo na? ukuthukulula izibopho zobubi, ukuthukulula imithwalo esindayo, lokukhulula abacindezelweyo, lokuphula wonke amajogwe?


Ngizanika ofakazi bami ababili amandla, njalo bazaphrofetha insuku eziyinkulungwane lamakhulu amabili lamatshumi ayisithupha bembethe isaka.


Kungabi ngokungabi nabulungisa ezandleni zami; umkhuleko wami nawo uhlanzekile.


Futhi uvula izindlebe zabo ekulayweni futhi uyabalaya ukuthi baphenduke ebubini.


Bathi: “Phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yenu embi nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova aninike lona nawoyihlo kuze kube phakade naphakade.”


Uma kunjalo, bayolalela, futhi yilowo nalowo aphenduke endleleni yakhe embi, ukuze ngiphenduke ebubini engihlose ukubenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.


Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa bonke ububi engicabanga ukubenza kubo; ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi; ukuze ngithethelele ububi babo lesono sabo.


Ngcwelisani usuku lokuzila ukudla, nibize umbuthano onesizotha, nibuthe amalunga nabo bonke abakhileyo ezweni endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite