Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 3:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Abantu baseNineve basebekholwa kuNkulunkulu, basebememezela usuku lokuzila, bembatha izembatho zokulila, kusukela komkhulu kusiya komncinyane phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamasaka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Abantu baseNineve bakholwa kuNkulunkulu, base bememezela ukuzila ukudla, nokuba kugqokwe indwangu yesaka kusukela kwabakhulu babo kuya kwabancane.

Gade chapit la Kopi




UJona 3:5
21 Referans Kwoze  

Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.


Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.


Ngabhekisa ubuso bami eNkosini uNkulunkulu ukuba ngifune ngomkhuleko nangokunxusa, ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


Ngcwelisani usuku lokuzila ukudla, nibize umbuthano onesizotha, nibuthe amalunga nabo bonke abakhileyo ezweni endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova,


UJehoshafati wesaba, waqala ukumfuna ukumfuna uJehova, wamemezela usuku lokuzila ukudla kwaJuda wonke.


Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo.


Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.


Ngakho yimani isibindi, madoda, ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuyakuba njengalokho engitsheliwe.


ababemlalela bonke, kusukela komncane kuze kube komkhulu, bethi: Lo ungamandla kaNkulunkulu amakhulu.


Wayesebiza uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, nabo bonke abantu, kusukela komncane kuze kufike komkhulu;


Zase zisondela zonke izinduna zamabutho, oJohanani indodana kaKhareya, loIshaniya indodana kaHoshaya, labo bonke abantu, kusukela komncinyane kusiya komkhulu;


Kwathi ngomnyaka wesihlanu kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, bamemezela ukuzila ukudla phambi kukaJehova kubo bonke abantu baseJerusalema nakubo bonke abantu ababevela ezweni. Imizi yedolobha. UJuda eJerusalema.


Abasayikufundisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, bathi: ‘Yazini uJehova, ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuye komkhulu phakathi kwabo, usho uJehova; ngoba ngizabathethelela. Ububi, nesono sabo angisayikusikhumbula.


Ngase ngimemezela khona ngasemfuleni i-Ahawa usuku lokuzila ukudla, ukuze sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizifunele kuye indlela eqondileyo thina nabantwana bethu nempahla yethu yonke.


Ngizanika ofakazi bami ababili amandla, njalo bazaphrofetha insuku eziyinkulungwane lamakhulu amabili lamatshumi ayisithupha bembethe isaka.


Kwathi uMoridegayi ebona konke okwenzekileyo, uMoridegayi waklebhula izingubo zakhe, wembatha izingubo zokulila nomlotha, waphuma waya phakathi nomuzi, wakhala ngokukhala okukhulu nokubabayo;


Yasimemezela, yenza ukuba kwaziwe eNineve ngomyalo wenkosi nezikhulu zayo, yathi: Makungabikho muntu nasilwane esinambitha utho; ungawavumeli adle, angaphuzi manzi.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhumula izivunulo zabo entabeni yaseHorebe.


Kwathi inkosi uHezekiya isizwile, yaklebhula izingubo zayo, yembatha indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite