Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 3:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 UNkulunkulu wabona izenzo zabo, ukuthi baphenduka endleleni yabo embi; uNkulunkulu wazisola ngobubi abethi uyakubenza kubo; futhi akakwenzanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Lapho uNkulunkulu esebona izenzo zabo ukuthi babuya endleleni yabo embi, uNkulunkulu wazisola ngokubi owayeshilo ukuthi uyakukwenza kubo, akakwenzanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 UNkulunkulu wabona ukuthi sebephendukile ebubini babo, wase eyithambisa inhliziyo yakhe, wanquma ukungabe esababhubhisa njengoba ebeshilo.

Gade chapit la Kopi




UJona 3:10
18 Referans Kwoze  

Uma leso sizwe engikhulume ngaso siphenduka ebubini baso, ngiyakuzisola ngobubi ebengicabanga ukubenza kuso.


Yasuka, yaya kuyise. Kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wawa entanyeni yakhe, wayanga.


INkosi yazisola ngalokhu: Nalokhu akuyikwenzeka, isho iNkosi uJehova.


Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.


UJehova wazisola ngobubi ayecabanga ukubenza kubantu bakhe.


UJehova wazisola ngalokhu: Ngeke kwenzeke, kusho uJehova.


Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa, unesihe, uyabekezela, unomusa omkhulu, uyaphenduka ebubini.


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, akusikho lokho engakusho ngisezweni lakithi na? Ngalokho ngabalekela eTharishishi ngaphambili, ngokuba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nesihe, obhekakade, nochichima umusa, futhi uyaphenduka ebubini.


UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukuba ilichithe; kwathi esachitha, uJehova wakubona, wazisola ngobubi, wathi engelosini echithayo: “Kwanele, bamba isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayimi esibuyeni sika-Orinani umJebusi.


Ngalokho uJehova uyakulinda ukuba abe nesihe kini, ngalokho uyakuphakanyiswa, abe nomusa kini; ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamlindileyo.


Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa bonke ububi engicabanga ukubenza kubo; ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi; ukuze ngithethelele ububi babo lesono sabo.


Uma nisathanda ukuhlala kuleli zwe, ngiyakunakha, nginganidilizi, nginitshale, nginganisiphula; ngoba ngiyazisola ngobubi engibenzile kini.


Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNineve, umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisithupha abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; nezinkomo eziningi na?


Ofihla izono zakhe kayikuphumelela; kepha oyivumayo ayishiye, uyakuba nomusa.


Kungasiphi isikhathi engiyokhuluma ngaso ngesizwe nangombuso ukuba ngiwusiphule futhi ngiwubhidlize futhi ngiwubhubhise;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite