Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 1:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kodwa uJehova wathumela umoya omkhulu elwandle, kwavela isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze waphuka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kodwa uJehova waphonsa umoya omkhulu elwandle, kwaba yisiphepho esikhulu elwandle; kwacatshangwa ukuthi umkhumbi uyakwaphulwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kepha uSimakade wathumela isishingishane olwandle, kwaba nesiphepho esikhulu kwaze kwangathi umkhumbi uyahlephuka.

Gade chapit la Kopi




UJona 1:4
13 Referans Kwoze  

Ngokuba bhekani, odala izintaba nodala umoya, atshele umuntu ukuthi iyini imicabango yakhe, owenza mnyama ukusa, ongena ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, nguJehova uNkulunkulu Sebawoti igama lakhe.


Wenza inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenzela imvula imibani; ukhipha umoya engcebeni yakhe.


INkosi yasiphendukisa umoya wasentshonalanga onamandla amakhulu, owasusa isikhonyane, wasijikijela oLwandle lweSikefe; akwasala sikhonyane nesisodwa kuzo zonke izifunda zaseGibithe.


Kwasekuphuma umoya ovela eNkosini, waletha izagwaca ezivela elwandle, zawela enkambeni, njengohambo losuku ngapha langapha, ikamu inkamba, lanjengohambo losuku ngalapha. Ukuphakama kwawo kwakuyizingalo ezimbili ebusweni bomhlaba.


Waphephetha ngomoya wakho, ulwandle lwabasibekela; bacwila emanzini anamandla njengomthofu.


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wabangela ukuba ulwandle luhlehle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, womisa ulwandle, amanzi ahlukana.


UMose wayeselula intonga yakhe phezu kwezwe laseGibithe, uJehova waletha umoya wasempumalanga phezu kwezwe lolo suku lonke lobo busuku; kwathi sekusile, umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.


Konke uJehova akuthandayo wakwenza ezulwini nasemhlabeni, olwandle nasezikhukhuleni zonke zezwe.


Lapho ezwakalisa izwi lakhe, kukhona amanzi amaningi esibhakabhakeni; wakhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba;


Umlilo nesichotho; iqhwa nomhwamuko; isivunguvungu esigcwalisa izwi lakhe:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite