Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 abanyakazisa izintaba, bona abazi; obagumbuqela ngentukuthelo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 yena ogudluza izintaba ngokungazeleli, ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Yena ogudluza izintaba, zingazi, Yena ozigumbuqela ngentukuthelo yakhe,

Gade chapit la Kopi




UJobe 9:5
23 Referans Kwoze  

Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu ezindaweni ngezindawo, nendlala, nezifo eziwumshayabhuqe; kuyakuba khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.


Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;


Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa;


Izintaba zakubona, zathuthumela; isikhukhula samanzi sadlula; uZamcolo waphakamisa izwi lakhe, waphakamisa izandla zakhe phezulu.


Izulu lamuka njengomqulu ogoqwayo; zonke izintaba neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo.


UJesu waphendula wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uba lilokholo, lingathandabuzi, kaliyikwenza lokhu emkhiwaneni kuphela, kodwa loba lisithi kulentaba: Suka; uphonseke elwandle; kuyakwenziwa.


Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Ungubani wena ntaba enkulu? phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa, akhiphe itshe lengcwaba lakhe ngokumemeza, amemeze, athi: “Musa, hawu!


Wema walinganisa umhlaba; izintaba zaphakade zahlakazwa, amagquma aphakade akhothama; izindlela zakhe ziphakade.


Ngubani owalinganisa amanzi ngesandla sakhe, walinganisa amazulu ngobubanzi besandla, wathatha uthuli lomhlaba ngesilinganiso, wakala izintaba ngesilinganiso, namagquma ngesilinganiso, na?


Izintaba ozidalileyo njengezinqama; namagquma enu njengamawundlu na?


Umhlaba wazamazama, nezulu lawa phambi kukaNkulunkulu; iSinayi lathuthumela phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngakho-ke asiyikwesaba, noma kuzamazama umhlaba, nezintaba zikhukhulwa phakathi kolwandle;


Welulela isandla sakhe edwaleni; ugumbuqela izintaba ngezimpande.


Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, nokubhujiswa akunasimbozo.


Ngakho uyazazi izenzo zabo futhi uyabaphendula ebusuku ukuze babhujiswe.


Ngubani ovimbile ukuba ngimbuyisele? konke okuphansi kwezulu lonke kungokwami.


Lahla ukufutheka kwentukuthelo yakho, ubuke bonke abazidlayo, ubathobe.


Izintaba ziyathuthumela ngenxa yakhe, namagquma ayancibilika, nomhlabathi uyasha phambi kobuso bakhe, yebo, umhlaba nabo bonke abahlala kuwo.


Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite