Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 7:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Futhi ukuthi kufanele umvakashele njalo ekuseni futhi umvivinye umzuzu ngamunye?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 nokuba umhambele ekuseni njalo, umhlole njalonjalo, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 nokuba umhambele njalo ekuseni, umhlole imizuzu ngemizuzu na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 7:18
14 Referans Kwoze  

ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye; ngoba ngiyakwenzani ngendodakazi yabantu bami?


Ngizadabula inxenye yesithathu emlilweni, zincibilike njengokucwengisiswa kwesiliva, ngizihlole njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibazwe; ngiyakuthi: Laba bayizingelosi. Abantu bami: futhi bayakuthi: UJehova unguNkulunkulu wami.


Abaningi bayakuhlanjululwa, benziwe mhlophe, bacwengisiswe; kepha ababi bayakwenza okubi; futhi akukho noyedwa omubi oyoqonda; kepha abahlakaniphileyo bayakuqonda.


Bafile, abayikuphila; bafa, abayikuvuka; ngalokho wabahambela, wababhubhisa, waqeda konke ukukhunjulwa kwabo.


Uyawavula amehlo akho ngomuntu onjalo, ungilethele ekwahlulelweni nawe?


owakupha ehlane imana oyihlo ababengayazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ekupheleni kwakho;


Hamba manje, uhole abantu, ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe; bheka, iNgelosi yami ihamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela, ngiyakubahambela ngesono sabo.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Emva kwalokho uNkulunkulu wamlinga u-Abrahama, wathi kuye: “Abrahama! wathi: “Bheka, ngilapha.”


Kodwa uyayazi indlela engihamba ngayo; uma engilinga, ngiyophuma njengegolide.


UJehova olungileyo uphakathi kwawo; akenzi okubi; njalo ekuseni uyaveza ilungelo lakhe, akaqedi; kepha ongalungile akawazi amahloni.


Ngokuba ngihluphekile usuku lonke, ngijeziswa ekuseni njalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite