Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 6:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba imicibisholo kaSomandla iphakathi kwami, okuphuza umoya wami okubuhlungu; izesabiso zikaNkulunkulu zingihlelele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.

Gade chapit la Kopi




UJobe 6:4
30 Referans Kwoze  

Ngokuba imicibisholo yakho inginamathele, isandla sakho siyangilimaza.


Ingebhe ingifikele, baxosha umphefumulo wami njengomoya, nokudlula kwami njengefu.


Umoya womuntu uyakugcina ukugula kwakhe; kodwa umoya olimele ngubani ongawuthwala?


Ngizwe, Jehova, umoya wami uyadangala; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabehlela egodini.


Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani? okungukuthi ngokuhunyushwa: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?


Ngoba uyangephula ngesiphepho futhi andise amanxeba ami ngaphandle kwesizathu.


Ngakho lokhu sikwazi ukwesabeka kweNkosi, siyabancenga abantu; kodwa sibonakalisiwe kuNkulunkulu; futhi ngiyethemba ukuthi nakunembeza wenu sibonakalisiwe.


Imicibisholo yakho ibukhali enhliziyweni yezitha zenkosi; abantu abawela ngakho phansi kwakho.


Ngakho kumelwe ubafulathele, lapho ulungisa imicibisholo yakho ezintanjeni zakho ngokumelene nobuso babo.


Yebo, wathuma imicibisholo yakhe, wabahlakaza; wadubula umbani wabadungadulisa.


Wazilungisela izikhali zokufa; imicibisholo yakhe uyiqondise kubazingeli.


Ngokuba ukubhujiswa kukaNkulunkulu kwaba yingebhe kimi, futhi ngenxa yokuphakama kwakhe angikwazanga ukukubekezelela.


Amehlo akhe ayakubona ukubhujiswa kwakhe, aphuze ulaka lukaSomandla.


Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama; futhi lokhu ngegazi lababuleweyo kanye neziboshwa, kusukela ekuqaleni kokuphindisela esitheni.


Wathi kubo: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi; ngibizeni ngokuthi uMara, ngokuba uSomandla ungiphathe kumunyu kakhulu.”


Uyakumunca isihlungu samabululu, ulimi lwenyoka luyombulala.


Kufanele ngiqambe amanga ngiphikisa ilungelo lami na? isilonda sami asinakuphulukiswa, singenasiphambeko.


Kusukela esikhathini sokuphuma kwayo, sizakuthatha; ngoba kusasa ngengomso lizadlula, imini lebusuku; futhi kuyoba ukucasula nje ukuqonda amahlebezi.


Wansala umnsalo wakhe njengesitha; Wema ngesandla sakhe sokunene njengesitha, wabulala konke okubonakala emehlweni etendeni lendodakazi yaseSiyoni; Wathulula ulaka lwakhe njengomlilo.


Ngonile; ngenzeni kuwe, mlondolozi wabantu? ungibekani ngibe yisibonakaliso kuwe, ukuze ngibe ngumthwalo kimi na?


Uyangidwengula ngolaka lwakhe, ongizondayo; ungigedlele amazinyo; isitha sami singigqolozele.


Amabutho akhe ayangibuthana amise inkamba nxazonke zethabhanekele lami.


Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuphumula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.


Inhliziyo iyakwazi umunyu wayo; nomfokazi akamxubi nenjabulo yakhe.


Ngempela, ungijikele; ungiphendulela usuku lonke isandla sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite