Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 6:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ingabe uphakamisa ukusola amazwi nezinkulumo zomuntu ophelelwa ithemba, okunjengomoya?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Nicabanga yini ukusola amazwi, lokhu ukukhuluma kophelelwa ithemba kungumoya nje na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Nicabanga ukuthi ningawasola amazwi, ngokungathi ukukhuluma kophelelwe yithemba, kungumoya nje na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 6:26
19 Referans Kwoze  

Koze kube nini ukhuluma lezi zinto? Koze kube nini amazwi omlomo wakho enjengomoya onamandla?


Ukuze singabe sisaba abantwana, sijikijelwa ngapha nangapha, siqhutshwa yiwo wonke umoya wemfundiso, ngobuqili babantu, nobuqili bobuqili abaqamekela ukudukisa ngabo;


Ngokuba ngamazwi akho uyakuthiwa ulungile, nangamazwi akho uyakulahlwa.


U-Efrayimi udla umoya, uxosha umoya wasempumalanga; imihla ngemihla wandisa amanga nokubhubhisa; benza isivumelwano nama-Asiriya, kwangeniswa amafutha eGibithe.


Kwathi ngemva kokuba uJehova esekhulume lawa mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami ikuvuthele wena nabangane bakho ababili, ngoba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.


Ngubani ofihla iseluleko engenalwazi? ngakho-ke ngathi angizange ngiqonde; izinto ezimangalisayo kakhulu kimi, engingazazi.


Niyakuchitha nokwahlulela kwami na? Uzangilahla yini, ukuze ulunge?


Ngake ngakhuluma; kodwa kangiyikuphendula: yebo, kabili; kodwa angiyikuqhubeka.


Ngubani lo owenza mnyama iseluleko ngamazwi angelalwazi?


Umphefumulo wami ukhathele ukuphila kwami; ngiyakushiya kimi isikhalo sami; Ngizokhuluma ngomunyu womphefumulo wami.


nokuba kube kuhle kuNkulunkulu ukungibhubhisa; ukuthi angadedela isandla sakhe anginqume!


Ngokuba imicibisholo kaSomandla iphakathi kwami, okuphuza umoya wami okubuhlungu; izesabiso zikaNkulunkulu zingihlelele.


Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengokukhuluma kwabesifazane abayiziwula.” Ini? siyakwamukela okuhle esandleni sikaNkulunkulu, singamukeli okubi na? Kukho konke lokhu uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


Yeka ukuthi anamandla kangakanani amazwi alungile! kodwa ukhuzani ukuphikisana kwakho?


Umuntu ohlakaniphileyo angakhuluma ukwazi okuyize, agcwalise isisu sakhe ngomoya wasempumalanga, na?


Ingabe amazwi ayize ayoba nesiphetho? kumbe yini ekuqinisayo ukuthi uphendule?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite